NAKUBA abalandeli be-Orlando Pirates begezeke igilo ngendlela leli qembu elidlale ngayo likhipha iMagesi FC kuma-quarterfinal eCarling Knockout kodwa umqeqeshi, u-Abdeslam Ouaddou, usale enganeme ngokuyeka ukuhlasela kwabafana bakhe sekuyophela umdlalo.
IPirates idlulele kowandulela owamanqamu weCarling ngemuva kokwehlula iMagesi ngo 2-1 e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesibili ebusuku. Amagoli eZimnyama ashaywe nguTshepang Moremi no-Evidence Makgopa esiwombeni sesibili. EleMagesi, ebivikela indebe, libekwe enethini nguLehlohonolo Mokone sekuyophela umdlalo.
Lo mphumela akubuzwa ukuthi wesule izinyembezi kubalandeli bePirates abaphume e-Orlando bedumele ngoMgqibelo kulandela ukukhishwa kweZimnyama kwiCaf Champions League yiSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC).
Nokho, u-Ouaddou uthe akaneme ngokudlala kweqembu lakhe ngasemaphethelweni omdlalo. Abadlali bePirates kade sebephaselana eduze, bezama ukugcina ibhola okuyinto ehlala ijabulisa abalandeli.
"Wumdlalo obekufanele siye ekhefini sihamba phambili kuwona ngamagoli amathathu noma amane. Lokho ngikusho kahle. Ngebhadi yindawo okufanele sithuthuke kuyona ngokushesha uma sifuna ukuzuza okuthize. Ngaphandle kwalokho, ngithanda ukubongela abafana ngoba bekungewona umdlalo olula. Kuhlala kunzima ukudlala namaqembu anjena, ayalwa kakhulu. Sidlale nebhola elihle futhi ngicabanga ukuthi abalandeli bethu bajabulile ngalokho,"kusho u-Ouaddou kwiSuperSport.
"Kodwa angijabulanga ngemizuzu engu-15 yokugcina. Esikhundleni sokuya phambili sishaye igoli lesithathu, sidlale amaphasi amafishane. Ngiyazi ukuthi abalandeli bayakuthanda lokho, abadlali bayakuthanda lokho kodwa mina angikuthandi lokho. Ngidinga ukushaya amanye amagoli futhi kumele sikwazi ukuwaqedela. Lokho kubalulekile ukwenyusa ukuzithemba ukushaya amagoli."
Ngokudlulela kweyandulela owamanqamu, iPirates ijoyine iLamontville Golden Arrows neRichards Bay abaqede umsebenzi ngempelasonto. Iqembu lesine lizophuma phakathi kweMarumo Gallants neStellenbosch abazodlala ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku eDr Molemela Stadium, eBloemfontein.