UBUHOLI obusha be-Netball South Africa obukhethwe ngempelasonto
Image: SITHUNYELWE
UFUNA iNetball South Africa ibuyele ekubeni yinhlangano ethenjwayo futhi eyenza umsebenzi wayo ngendlela efanele osanda kuqokwa njengomengameli omusha, uMami Diale.
UDiale unqobe okhethweni lweNSA eGarden Court Hotel eGoli ngempelasonto obeluhanjelwe ngamalungu angu-62 kwangu-69 nezikhulu zenhlangano eyengamele ezemidlalo kuleli, i-Sascoc.
UDiale ubeyibamba likamengameli kusukela ngo-Ephreli kulandela ukumiswa kobengumengameli, uCecilia Molokwane.
UMolokwane wamiswa yinhlangano eyengamele i-netball emhlabeni, i-World Netball, ngezinsolo zokusebenzisa imali ngendlela engafanele, ukusatshiswa kwabasebenzi nokunye.
Usaqhubeka nokuphika lezi zinsolo kanti ubesanda kuba nesithangami nabezindaba lapho efunge wagomela khona ukuthi uzobuyela esikhundleni sakhe.
Nokho, i-World Netball iphinde yagcizelela ukuthi usamisiwe futhi kubukeka sengathi sesiphelile isikhathi sakhe sokuhola i-netball kuleli njengoba sekuqokwe ubuholi obusha.
“Ngithanda ukubonga amalungu omkhandlu ngokukhombisa ukungethemba okungaka nokungiqoka njengomholi omusha kule minyaka emihlanu ezayo. Ngibonga wonke amalungu angiphakamisile ngoba akuyona into encane lena. Ngizizwa ngihloniphekile,” kusho uDiale ngemuva kokukhethwa njengomengameli omusha.
“Njengoba seluphothuliwe ukhetho, umsebenzi wangempela usuyaqala. Ngibuthemba ngokuphelele ubuholi obusha beNetball South Africa. Ngikholwa wwukuthi buwulungele umsebenzi osilindile.
“Ngeke sikushaye indiva okwenzekile ezinyangeni ezedlule. Sidinga ukuqala umsebenzi wokwakha kabusha nokuvuselela le nhlangano. Kufanele sizibophezele ekwenzeni izinto ngendlela efanele, ukuvikela umdlalo wethu nokubuyisa isithunzi sawo.
“Asikwazi ukumosha isikhathi, umsebenzi kufanele uqale khona manje.”
UKhosi Dlamini ongumengameli weGauteng Netball uqokwe njengephini likamengameli, kwathi uLana Krige waqokwa njengeDirector of Selections, lapho ezobhekela khona ukuqokwa kwamaqembu esizwe.
Owayengumdlali wamaProteas wabuye waba yiphini lomqeqeshi weqembu lesizwe, uDumisani Chauke, uqokwe njengeDirector of Coaches, uClaudine Classen waba yiDirector of Dermacations and Structures, kwathi uMagriet Bester waba yiDirector of Umpires.
Related Topics: