Ezemidlalo Ibhola

UBroos ufuna linakekelwe 'ifa' leBafana

Xolile Mpisane|Published

UMQEQESHI weBafana Bafana uHugo Broos

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weBafana Bafana, u-Hugo Broos, usenxuse zonke izinhlaka zebhola eNingizimu Afrika ukuthi zibambisane ukuqinisekisa ukuthi iqembu lesizwe liyaqhubeka nomgqigqo walo, lingabe lisahlehlela emuva.

UBroos usefake iBafana kabili kulandelana kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), wabuyisela iqembu lakuleli eNdebeni yoMhlaba yangonyaka ozayo.

Uthe ukhiye wempumelelo wukuqinisekisa ukuthi amaqembu amancane esizwe ayaqhubeka nokudlala imidlalo enzima eminyakeni ezayo ukuze aqhubeke nokuthuthuka.

"Ngicabanga ukuthi kule minyaka emithathu edlule kuningi esikuzuzile. Siya kwi-Afcon okwesibili futhi sesikwazile ukungena eNdebeni yoMhlaba. Asikaqedi. Kuningi okunye esingakwenza uma sibheka okusilandela ngemuva," kusho uBroos.

"Iqembu lika-Under 17 liya eNdebeni yoMhlaba kanti elika-Under 20 lisanda kudlala kuwona lo mqhudelwano. Kufanele siwahlelele kahle la maqembu womabili, kungapheli izinyanga singazi ukuthi laba badlali benzani. Uma singakwenza lokho singazuza lukhulu esikhathini esizayo."

UBroos uphinde wacacisa ngezinhlelo zakhe ze-Afcon, wathi akalindele kube nezinguquko ezinkulu eqenjini leBafana elizodlala kulo mqhudelwano ozoqala ngoDisemba eMorocco.

"Iqembu elizoya kwi-Afcon ngeke lishintshe kakhulu kodwa lokho kuzoncika kwezinye izinto njengokulimala kwabadlali. Besinethemba lokuthi uzobuya uThemba Zwane kodwa akakabuyi. Yizo lezi zinto ezizokwenza umehluko emasontweni ambalwa ezayo. Akuyona imfihlo ukuthi iningi labadlali abebeyingxenye yeqembu yibona abazodlala kwi-Afcon,” kusho uBroos.

IBafana izodlala umdlalo wobungani neZambia ngoNovemba 14 kuleli. Lo mdlalo owokulungiselela i-Afcon ngaphambi kokuya kulo mqhudelwano ozoba seMorocco ngoDisemba. Ikhempu yeqembu elizoya kwi-Afcon izoqala ngoDisemba 8 ePitoli. 

Izovula isigaba samaqoqo ne-Angola ngoDisemba 22, idlale ne-Egypt ngoDisemba 26, ivale neZimbabwe ngoDisemba 29 kuGroup B.