UMGADLI weReal Madrid ongalibheki ipali uKylian Mbappe.
Image: FACEBOOK
IReal Madrid izobe ibheke ukuqeda ukubusa kweBarcelona emidlalweni yakamuva phakathi kwale zinkunzi zaseSpain emdlalweni weLa Liga. obhekwe ngabomvu kusasa.
Lo mdlalo owaziwa nge-El Clasico uzoqala ngo-5.15 ntambama enkundleni yeReal Madrid, iSantiago Bernabéu.
Ngesizini edlule la maqembu abhekane kane emiqhudelwaneni ehlukene, iBarcelona yayinqoba yonke.
Yaqala ngokunqoba oweligi ngo 4-0 eBernabeu, yaxebula iMadrid ngo 5-2 koweSpanish Super Cup, yanqoba ngo 3-2 kowamanqamu weCopa del Rey, ngaphambi kokunqoba owokugcina weligi ngo 4-3 ngoMeyi nonyaka.
Kulokhu iMadrid izongena ishayela phezulu kwazise iqhwakele kwiLa Liga ngamaphuzu angu-24 emidlalweni eyisishiyagalolunye.
Leli qembu elicijwa nguXabi Alonso liguqise iGetafe ngo 1-0 kowakamuva weligi, kanti kowe-UEFA Champions League obungoLwesithathu linqobe iJuventus ngendlela efanayo.
"Silapho esikhona kwi-log ngenxa yemisebenzi yethu, sisesimweni esihle. Sizobona ukuthi kwenzekani ngeSonto," kusho u-Alonso kwi-website yeMadrid.
"Kuyasithokozisa ukuthi iqembu liya ngokuya lithuthuka. IClasico umdlalo obaluleke kakhulu ngenxa yomlando kanye namaphuzu nomehluko azowenza kwi-log. Siyakuqonda ukubaluleka komdlalo kodwa kusekuseni kakhulu ukuthi ungaba nomthelela omkhulu embangweni weligi okwamanje."
UMDLALI wasesiswini weBarcelona, uLamine Yamal, okubhekwe ukuthi akhe aphinde ashaye amagoli.
Image: FACEBOOK
IBarcelona, esendaweni yesibili ngamaphuzu angu-22, izodlala umqeqeshi wayo uHansi Flick ehlezi ezihlweleni kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu ngesikhathi benqoba iGiroan ngo 2-1 kowakamuva weligi.
Noma kunjalo, leli qembu laseCatalonia lizofika lizethemba ngenxa yokuthi lixebule i-Olympiacos ngo 6-1 koweChampions League ngoLwesibili.
UMarcus Rashford, ozobe edlala kwi-Clasico yakhe yokuqala, uthe usejahe ukuzibona esenkundleni.
"Lena yiClasico yami yokuqala futhi ngiwubheke ngabomvu lo mdlalo omkhulu kunayo yonke. Ngisho nabantu abangawalandeli la maqembu bayawubuka lo mdlalo," kusho uRashford engxoxweni esekhasini leqembu kwiYouTube.
"Iqembu lethu lenza kahle. Kufanele siqhubeke nokuzimisela. Ngilindele umsindo omkhulu enkundleni. Kubalulekile ukuthi iqembu lethu lilawule umdlalo. Sizokwenza esijwayele ukukwenza futhi sizame ukunqoba."
Nakuba iMadrid isalahlekelwe ngu-Antonio Rudiger noDavid Alaba abalimele, uTrent Alexander-Arnord noDani Carvajal bangase babuye njengoba sebeqalile ukuzilolonga neqembu.
UKylian Mbappé, Vinícius Júnior noJude Bellingham yibona badlali abahlaselayo okulindeleke ukuthi babe wuhlupho kwiBarcelona,
Iqembu likaFlick lilinyalelwe yinqwaba yabadlali abahlaselayo okubalwa kubona uRaphinha, Robert Lewandowski, Dani Olmo noGavi.
Kuzobe kubhekwe uRashford, Lamine Yamal, Fermin Lopez nabanye ukuthi baqhubeke nokushayela iqembu amagoli.