Ezemidlalo Ibhola

ISafa ingase inyomfe izinhlelo zeBanyana

Xolile Mpisane|Published

UMENGAMELI weSafa, uDanny Jordaan.

Image: BACKPAGEPIX

INHLANGANO eyengamele ibhola kuleli, iSouth African Football Association (Safa) ingase iphinde ifake elinye iqembu lakuleli lesizwe engcupheni yokungalubhadi eNdebeni yoMhlaba ngenxa yendlela engajwayelekile eyenza ngayo izinto.

Akukapholi maseko le nhlangano isinde ehlazweni ngesikhathi iqembu lesizwe labesilisa, iBafana Bafana, lizibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ezodlalelwa e-United States, Canada naseMexico ngonyaka ozayo. 

IBafana iqede iqhwakele eqoqweni layo uGroup C, kweyokuhlungela lo mqhudelwano yize yayisiphucwe amaphuzu amathathu eyawathola inqoba iLesotho ngo 2-0 ngoMashi, nonyaka.

Sekuwumlando ukuthi iqembu lakuleli lenza iphutha ladlalisa uTeboho Mokoena enamakhadi aphuzi amabili kulo mdlalo. Uma kwenzeka lokho, inhlangano esuke iqashe abantu okufanele baqinisekise ukuthi izinto ezinjalo azenzeki iyona ebekwa icala. 

Kungaba kubi ukuthi le nhlangano ibe nesandla ekutheni iqembu lesizwe lebhola labesifazane, iBanyana Banyana, ligcine lingangenanga eNdebeni yoMhlaba, noma lingene kanzima.

U-AMOGELANG Motau noHildah Magaia bangabanye babadlali beBanyana Banyana abangeke bawudlale umlenze wokuqala wokuhlungela iWafcon neDemocratic Republic of Congo.

Image: BACKPAGEPIX

Indlela yeBanyana ebheke kweyoMhlaba.

IBanyana Banyana izoqala umzuliswano wokugcina wokuhlungela iWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) lapho iqhathwe khona neDemocratic Republic of Congo.

Umlenze wokuqala uzodlalelwa ePentecost Martyrs Stadium, eKinshasa, ngo-7 kusihlwa. Owesibili uzodlalelwa eFNB Stadium, eGoli, ngoLwesibili.

Amaqembu angu-11 azonqoba uma sekuhlanganiswe imilenze yomibili kulo mzuliswano azozibekisela izindawo kwi-Wafcon, lapho ezojoyina khona osokhaya, iMorocco.

Lo mqhudelwano ozodlalwa ngonyaka ozayo ngeke ugcine ngokukhipha iqembu elizoba ngompetha base-Afrika kuphela kodwa amaqembu amane azofinyelela kowandulela owamanqamu azozibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ezodlalelwa eBrazil.

IBanyana iqede endaweni esine kwi-Wafcon ebiseMorocco, ngoJulayi, kanti yaba ngompetha kweyango-2022 eyayisezweni elifanayo. 

ISafa ikuqinisekisile ukuthi iqembu lakuleli lizodlala umlenze wokuqala neDRC kusihlwa bengekho abadlali abane abazinze eMexico, uThembi Kgatlana, Hildah Magaia, Sinoxolo Cesane no-Amogelang Motau. 

Esitatimendeni esikhishwe yile nhlangano, ithe bekuvele kuhleliwe ukuthi bona bahlangane neqembu eGoli uma selilungiselela umlenze wesibili.

Lesi sinqumo sisodwa siyamangaza kwazise la badlali bobane bamqoka kangakanani kuleli qembu futhi bebengaba wukhiye ekutheni libuye nomphumela omuhle ekuhambeni.

Njengoba umdlalo wabesifazane ukhula kuleli nasemhlabeni, kungaba yichilo ukuthi iBanyana izithole ingasangeni kwi-Wafcon naseNdebeni yoMhlaba ngenxa yezinqumo zeSafa ezingajwayelekile.

UMQEQESHI weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, okubhekwe ukuthi anikwe inkontileka entsha.

Image: BACKPAGEPIX

Inkontileka yomqeqeshi u-Ellis

Okunye okuxakile wukuthi sekuphele isikhathi esingaphezu konyaka umqeqeshi uDesiree Ellis nethimba lakhe bepheka iBanyana ngezinkontileka ezivuselelwa nyanga-zonke.

Nakuba iTechnical Committee yeSafa isanda kuphakamisa ukuthi lo mqeqeshi anikwe inkontileka entsha yeminyaka emine, nesigungu esiphezulu seSafa savumelana nalokhu, lo mqeqeshi akakasayini lutho.

“Inkontileka kaDesiree iphele ngonyaka odlule, kanti besilinde ukuthi iTechnical Committee iphakamise esigungwini esiphezulu ukuthi simqoka kabusha noma sifuna omunye umuntu,” kusho isikhulu esiphezulu seSafa, uLydia Monyepao, kwiSABC Sport.

“Njengenhlangano siholwa yizinqumo zesigungu esiphezulu. Njengoba sisamukele isiphakamiso sokuthi umqeqeshi aqhubeke, sesikulungele ukuqhubekela phambili kodwa imidlalo yokuhlunga iseduze.

"Asinayo inkontileka esayiniwe kodwa ngokuhamba kwesikhathi ekugcineni ngicabanga ukuthi kumqoka ngempela ukuthi sisayine leyo nkontileka."

 

IQEMBU lesizwe lika-Under-17 lijabulela ukuba ngompetha beCosafa ngoSepthemba, nonyaka.

Image: BACKPAGEPIX

Amaqembu esizwe amancane.

Izinqumo zaSafa azigcini ngokuphazamisa amaqembu amakhulu kuphela kodwa zithinta namaqembu amancane njengelabesilisa lika-Under-20 elisanda kudlala eNdebeni yoMhlaba.

Amajita aba yiqembu lokugcina ukufika eChile, sekusele izinsuku ezine umqhudelwano uqale.

Ngenkathi amanye amazwe edlala imidlalo yobungani futhi ezijwayeza nesimo sezulu saseChile, iqembu lakuleli belithembele emidlalweni yobungani namaqembu akuleli adlala ezigabeni eziphansi.

Kufane nomlingo ukuthi likwazile ukudlula esigabeni samaqoqo okokuqala ngqa. Linqotshwe yiFrance ngo 2-1 kowokuvula ngaphambi kokuqumba phansi iNew Caledonia ngo 5-0 ne-United States ngo 2-1.

Uhambo lwaMajita luphelele kwi-Last 16 lapho ekhishwe khona yiColombia ngo 2-1.

Iqembu Amajita elalinqoba kowamanqamu we-Afcon, iMorocco, yilona eligcine libe ngompetha abasha beNdebe yoMhlaba ka-Under-20.

Kubukeka sengathi kuzokwenzeka okufanayo naseqenjini lika-Under 17, Amajimbos, elibhekisa amabombo eQatar, eNdebeni yoMhlaba ezoqala ngoNovemba 2.

Amajimbos azovula lo mqhudelwano kuGroup A nosokhaya iQatar, Italy neBolivia. 

Azodlala umdlalo wokuqala neBolivia, ngoNovemba 3, abebhekane neQatar ngemuva kwezinsuku ezintathu, asonge isigaba samaqoqo ne-Italy ngoNovemba 9. 

Okungase kusize Amajimbos wukuthi asanda kudlala kwiCosafa ngoSepthemba, lapho enqobe khona i-Angola ngo 2-1 kowamanqamu. Kodwa bekungalisiza leli qembu eliphekwa nguVeli Khumalo ukungcweka namanye amazwe asezingeni elizobhekana nalo eNdebeni yoMhlaba ngaphambi kokuqala komqhudelwano. 

Yize impumelelo yamaqembu amancane namakhulu akuleli ikhombisa ukuthi alishodi ithalente ebholeni, kwabesilisa nabesifazane, kodwa uma inhlangano ephethe ibhola ihluleka ukulungisa izinto ngendlela ngaphandle kwenkundla konke ukuzikhanda kwabadlali kuzophenduka ize.

Sekuyisikhathi sokuthi iSafa iyeke ukukheqa amaqembu okufanele ngabe iyawafukula.