Ezemidlalo Ibhola

Amehlo kwiPirates edinga ukubuya koweCaf

Xolile Mpisane|Published

U-OSWIN Appollis noTshepang Moremi bayabalwa kubadlali be-Orlando Pirates okubhekwe ukuthi bashayele leli qembu amagoli namuhla

Image: BACKPAGEPIX

I-Orlando Pirates izobhekana nesivivinyo esikhulu kunazo zonke esike yabhekana nazo kule sizini njengoba izokwamukela iSaint Éloi Lupopo emlenzeni wesibili wokuhlungela iCaf Champions League namuhla.

Umdlalo uzoqala ngo-3 ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto.

Ukuhlulwa ngo 3-0 emlenzeni wokuqala eDemocratic Republic of Congo obuseLubumbashi ngempelasonto edlule kusho ukuthi amaBhakabhaka kumele akhokhe lesi sikweletu samagoli amathathu bese ezama nokwengenza elinye ukuze angene emidlalweni yamaqoqo kwiChampions League.

Umlando ukhombisa ukuthi Ezimnyama zingakwenza lokhu uma zizimisele, kodwa ngeke kube lula. 

Selokhu iqalile isizini ka-2025/26 iPirates isinqobe imidlalo emihlanu ngegoli elilodwa emiqhudelwaneni ehlukene.

Nokho, ikwazile ukunqoba imidlalo emine ngamagoli amathathu noma ngaphezulu lapho ixebule khona iChippa United ngo 3-0 koweligi, iStellenbosch FC kowamanqamu weMTN8 neLioli FC ngo 3-0 nango 4-0 emzuliswaneni wokuqala wokuhlungela iChampions League.

Le miphumela ikhombisa ukuthi iqembu lika-Abdeslam Ouaddou liyakwazi ukushaya amagoli uma lihlangene kahle.

UTshepang Moremi, oseshaye amagoli amahlanu kule sizini, ungomunye wabadlali amaBhakabhaka azobe ethembele kubona ukuthi basize iqembu libuye kulo mdlalo.

Abanye abadlali okubhekwe ukuthi babhakuzise inethi nguTshegofatso Mabasa, osenamagoli  amane kule sizini, kanye nabadlali abafana no-Oswin Appollis, Kamohelo Sebelebele noPatrick Maswagwanyi asebehlohle amagoli amathathu ngamunye.

Obekungajwayelekile ngokuhlulwa kwePirates ngo 3-0 eDRC wukuthi idedele amagoli amathathu emdlalweni owodwa okokuqala kule sizini, ekubeni ivamise ukuvala kahle emuva.

Ngaphambi kwalo mdlalo, munye kuphela umdlalo leli qembu elidedele kuwona amagoli amabili, okwenzeke linqotshwa yiMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership ngo-Agasti.

ELubumbashi u-Ouaddou uqoke ukusebenzisa uNkosinathi Sibisi noMbekezeli Mbokazi maphakathi emuva. Kungenzeka ukuthi ubengafuni ukudlalisa izitobha ezimbili ezisencane endaweni okunzima ukudlala kuyona.

Koweligi waphakathi nesonto lapho benqobe khona iPolokwane City ngo 1-0 uLebone Seema ubuyile wayodlala noMbokazi, kwangangena magoli.

Kuzobonakala ntambama ukuthi u-Ouaddou uzomisa kanjani emuva kulo mlenze wesibili neLupopo.

Nakuba iPirates ingakwazi ukushaya amagoli amathathu noma ngaphezulu kulo mdlalo kodwa kumqoka ukuthi luqine udonga lwayo lwasemuva. Ukuvumela iqembu laseDRC ukuthi lishaye igoli kungayibuyisela emuva kakhulu kunakuqala.