Ezemidlalo Ibhola

UKgatlana kweleBanyana elizobhekana neDRC

Xolile Mpisane|Published

UMGADLI, uThembi Kgatlana, obuyele kwiBanyana Banyana.

Image: BACKPAGEPIX

UMGADLI obengukaputeni weqembu lesizwe labesifazane, uThembi Kgatlana, ubuyisiwe esikwatini esizodlala eyokuhlungela iWomen’s Africa Cup of Nations neDemocratic Republic of Congo.

Lo mdlali ufakiwe eqenjini labadlali abangu-25 abazolwela ukungena kwi-Wafcon ezobanjelwa eMorocco, ngoMashi, wonyaka ozayo.

UKgatlana (29) ubengekho ngesikhathi iBanyana iyovikela isicoco seWafcon khona eMorocco, ngoJulayi, nonyaka, ngenxa yezizathu eziqondene naye.

Ekupheleni kwalowo mqhudelwano lapho iqembu lakuleli liqede khona endaweni yesine, ubhoboke ekhasini lakhe kwi-Instagram ngobuhlungu bokubuka iBanyana ihluleka ukuvikela indebe.

Ugcine ukudlalela iqembu lesizwe emidlalweni yobungani bebhekene neMalawi ngo-Ephreli, kodwa kubukeka esekulungele ukubuyela enkundleni.

IBanyana neDRC bazoqale babhekane eStade des Martyrs eKinshasa, ngolwesithathu, ngaphambi komlenze wesibili ozodlalelwa eFNB Stadium ngo-Okthoba 28.

Khonamanjalo: Kubukeka umqeqeshi uDesiree Ellis esazoqhubeka nokupheka leli qembu kwazise isigungu esiphezulu seSafa sisamukelile isiphakamiso seTechinal Committee yale nhlangano sokumnika inkontileka entsha yeminyaka emine.

Ngaphandle kuka-Ellis, iSafa iphinde yamukela isiphakamiso sokuqasha uMolefi Ntseki njengeTechnical Director entsha, lapho kubhekwe khona ukuthi avale isikhala sikaWalter Steenbok.

Iqembu leBanyana Banyana elizobhekana neDRC

Onozinti: Kaylin Swart (JVW FC), Andile Dlamini (Sundowns Ladies), Dineo Magagula (TS Galaxy Queens).

Izitobha: Lebohang Ramalepe (Sundowns Ladies), Fikile Magama (University of the Western Cape), Tiisetso Makhubela (Sundowns Ladies), Bambanani Mbane (Sundowns Ladies), Karabo Dhlamini (Sundowns Ladies), Shakira O’Malley (University of the Western Cape), Yolanda Nduli (University of Johannesburg).

Abasesiswini: Bongeka Gamede (Nordsjaelland), Jessica Wade (JVW FC), Linda Motlhalo (Glasgow City), Nonhlanhla Mthandi (Sundowns Ladies), Refiloe Jane (TS Galaxy Queens), Amogelang Motau (Club Tijuana), Regina Mogolola (JVW FC) , Noxolo Cesane (Sundowns Ladies).

Abagadli: Kgaelebane Mohlakoana (TP Mazembe), Hilda Magaia (Club Tijuana), Sinoxolo Cesane (Mazatlán FC), Thembi Kgatlana (UANL Tigres), Thato Mofolo (University of Johannesburg), Nthabiseng Majiya (Sundowns Ladies),  Bonolo Mokoma (JVW FC).