U-Oswin Appollis weBafana Bafana egadulisana nabadlali beRwanda.
Image: BACKAPGEPIX
YIZE iBafana Bafana izibekisele indawo eNdebeni yoMhlaba yangonyaka ozayo, inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSouth African Football Association (Safa) ayikwazi ukubalekela ukugxekwa ngephutha elenze ukuthi iqembu lesizwe liphucwe amaphuzu amathathu emidlalweni yokuhlunga.
Nakuba abadlali nethimba labaqeqeshi beyehlisile ingcindezi ngokunqoba iRwanda ngo 3-0 emdlalweni wokugcina, basizwa nawukuthi iqembu ebeliqhwakele, iBenin, liguqiswe yiNigeria ngo 4-0, abalandeli nabahlaziyi basakugcizelela ukuthi iSafa isadinga ukuphendula ngaleli phutha elicishe lamosha wonke umsebenzi omuhle owenziwe enkundleni eminyakeni emibili edlule.
Lesi sigameko sokudlalisa uTeboho Mokoena emdlalweni neLesotho ngoMashi nonyaka ekubeni athola amakhadi kweminye yokuhlunga neBenin kanye neZimbabwe, sikhombisa ukuthi kuningi okufanele kulungiswe kwiSafa.
Ukuzibekisela indawo kweyoMhlaba kweBafana kuwubufakazi bokuthi iqembu lakuleli selikhule kangakanani ngaphansi kobuholi bomqeqeshi uHugo Broos.
Nakuba liqhuzukile lidlala ngokulingana neZimbabwe kodwa ukuvuka lizithathe kowokugcina neRwanda kucacise ukuthi libunjwe ngamasosha ayilungele impi noma ishisa kangakanani.
UBroos nabadlali bakhe bakhombise ukuzimisela okumangalisayo, bagxila kulokhu obekudingeka enkundleni ngemuva kwalesi siphithiphithi ebesingabaqeda umfutho, bakwazi ukugqiba ihlazo.
Uma isidlulile imibhiyozo yokungena kweBafana kulo mqhudelwano ozodlalelwa e-United States, Canada naseMexico ngonyaka ozayo, iSafa izobe isakweleta isizwe incazelo esobala nezinyathelo ezicacile zokunqanda izigameko ezifuze lezi ngomuso.
Related Topics: