UMBEKEZELI Mbokazi ejabulela igoli elilamulele i-Orlando Pirates kwiSiwelele emdlalweni weCarling Knockout e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
PHEZU kokuba abalandeli abaningi besale belibabaza igoli elishaywe nguMbekezeli Mbokazi elilamulele eZimnyama kwiSiwelele emdlalweni weCarling Knockout ngoMgqibelo, kodwa umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, udalule ukuthi akamangele.
EZimnyama zidlulele kuma-quarterfinal eCarling Knockout zinqoba iSiwelele FC ngo 1-0 ngegoli ebeliyinguzuza yeshodi ayishaye ekude umdlalo usuyophela, wasala emile unozinti weSiwelele, uSamkelo Xulu obeqala ukuvimba kuleli qembu. Bekuyigoli lesibili likaMbokazi esikimini esikhulu seZimnyama kwazise uyishayile inethi ngesizini edlule bebhekene neChippa United.
Emidlalweni edlule, okhona kuyona oweBafana Bafana neNigeria, uMbokazi uzamile ukushaya igoli ekude kodwa wahluleka.
U-Ouaddou uthe uMbokazi uvuna izithelo zokuzithemba.
"Angimangali, uneshodi. Ukukhombise kaningi ejimini, unqume ukukhahlela ekude ngamayadi angu-40. Ulikhombisile izinga lakhe. Uyindoda ezithembayo. Awukwazi ukukhahlela kumayadi angu-40 uma ungazithembi futhi ungakholelwa nasezintweni ongazenza. Yigoli elikhulule iqembu, laletha injabulo kubadlali nakubalandeli. Uyabona ukuthi ingozi ingaqhamuka noma yingakuphi eqenjini lethu. Akubona abagadli nabasesiswini. Isikhali siqhamuka yonke indawo
Lo mqeqeshi uthe kuyamjabulisa ukubona iqembu lakhe linqoba imidlalo kodwa kubalulekile ukuthi bangazikhukhumezi.
“Ngiyaziqhenya kakhulu ngabafana bami. Baphinde bakhombisa ukuzimisela futhi bakuqinisekisile ukuthi abebekwenza emasontweni ambalwa edlule akuhlangene nenhlanhla. Kumayelana nokuzikhandla, ukukholwa, ukwethembana phakathi kwabo nokwethemba ithimba labaqeqeshi. Sesizophumula kancane bese silungiselela umdlalo olandelayo,” kusho u-Ouaddou.
“Kufanele sijabule ngokwenzekayo njengamanje kodwa izinto zenzeka ngokushesha ngakho-ke sidinga ukuhlala sizithobile. Sisesimweni esihle kodwa ingaqhamuka noma yinini into engasiphazamisa. Uma kwenzeka lokho akumele silingabaze izinga lethu kodwa kufanele siqhubeke nokusebenza kanzima.”
Selokhu iPirates yashaywa yiMarumo Gallants ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership ngo-Agasti 12, ayiyazi induku emidlalweni engu-11 ilandelana emiqhudelwaneni ehlukene. Iwine eyisishiyagalombili.
Ngenxa yekhefu leFifa lemidlalo yamazwe ngamazwe, umdlalo wayo olandelayo kuzoba owokuhlungela iCaf Champions League neSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo ngempelasonto ka-Okthoba 17.
"Angikuboni njengento ezophazamisa umfutho wethu. Sizoqhubeka nokusebenza nabadlali abazobe bekhona, sibasize bathuthuke ngoba ngizobadinga. Njengoba ngijwayele ukusho, ngingawunqoba umdlalo ngabadlali abangu-11 enkundleni kodwa ngilidinga lonke iqembu ukuze nginqobe izicoco,” kuphetha u-Ouaddou.
Related Topics: