ANGASE abhekane nolaka lwabaphathi unozinti weKaizer Chiefs, uFiacre Ntwari, onqabe ekhishwa ngesikhathi leli qembu libhekene neStellenbosch FC emdlalweni we-Last 16 yeCarling Knockoout eKapa ngeSonto.
Sekuwumlando ukuthi Amakhosi agcine ehlulwe ngo 5-4 kumaphenathi emuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo 0-0. Ngesikhathi sekusele amanenjana umdlalo uphele esikhathini esengeziwe, ithimba labaqeqeshi leChiefs linqume ukukhipha uNtwari obeqala ukuvimba kule sizini, lifake uBruce Bvuma ngenhloso yokuthi ayovimba amaphenathi. Nokho lo nozinti waseRwanda unqabe isidana, wagcina eqhubekile nokuyovimba amaphenathi. UNtwari ugcine evimbe eyokuqala kuphela eshaywe ngu-Andre De Jong.
Lesi senzo sika Ntwari sishiye abaningi beshaqekile, ikakhulukazi njengoba ehlulekile ukusiza iqembu lidlulele kuma-quarterfinal eCarling.
UCedric Kaze ongomunye wabaqeqeshi beChiefs, uthe le ndaba izoxoxwa ngaphakathi eqenjini.
"Leyo yinto esizobhekana nayo ngaphakathi. Uzizwe ekulungele ukuqhubeka kumaphenathi asize iqembu. Ubeqonde okuhle ngalokho kodwa mhlawumbe hhayi ngendlela obekumele kwenzeke ngayo. Kodwa yinto esizoyikhuluma ngaphakathi,'' kusho uKaze egwema ukuchaza okuningi.
Kuyaziwa kwiChiefs ukuthi isenzo esikhombisa ukungayilandeli imiyalelo asithathwa kancane. Ngo-2022 umdlali wasemuva, uNjabulo Ngcobo, waxabana nomqeqeshi wonozinti uLee Baxter owayezama ukumkhuza kulandela ukukhombisa ukungakwenameli ukukhishwa ngumqeqeshi u-Arthur Zwane. Lo mdlali waphoqwa ukuthi axolise kubalandeli ngesenzo sakhe. Kusuka lapho aziphindanga zamhambela kahle izinto eNaturena, wagcina exoshiwe.
UNtwari wenza lokhu nje ngeSonto, ubethole isikimu kungalindele muntu. Ngaphambi komdlalo uKaze uthe bekuvele kuwuhlelo lwabo ukuvimbisa lo nozinti kwiCarling.
"Yinto esivumelane ngayo ngaphambi kokuqala kwesizini ukuthi uFiacre uzodlala kwiCarling. Ubeziqeqesha kahle, wenze kahle emidlalweni ayidlalele iqembu lesizwe. Ungumdlali iqembu elimthandayo futhi siyabona ukuthi uziqeqesha kanjani nsuku zonke. Kuhle ukuthi simnike ithuba lokumbona ukuthi yini angayenza,"kusho uKaze.