UMDLALI we-Orlando Pirates, uTshepang Moremi, ngomunye wabadlali umqeqeshi weBafana Bafana abheke ukuthi bamakhele noma bamshayele amagoli kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
Image: BACKPAGEPIX
UKHETHE abadlali akholwa wukuthi bazokwazi ukumenzela lokhu okudingwa yiqembu emidlalweni emibili yokugcina yamaqoqo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.
IBafana izobhekana neZimbabwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama, ngaphambi kokutholana phezulu neRwanda eMbombela Stadium, ngo-Okthoba 14.
Iqembu lakuleli lisanda kuphucwa amaphuzu amathathu ngenxa yokudlalisa uTeboho Mokoena kungafanele libhekene neLesotho ngoMashi nonyaka.
Selehlele endaweni yesibili ngamaphuzu angu-14. Liyalingana ngamaphuzu neBenin eqhwakele ngenxa yesibalo samagoli.
IBenin yona isazodlala neRwanda neNigeria, kanti yomibili imidlalo izobe isekuhambeni.
IBafana idinga ukuyinqoba yomibili imidlalo ukuze izibeke ethubeni elihle lokuthola ithikithi lokuya eNdebeni yoMhlaba ezodlalelwa e-United States, Canada naseMexico ngonyaka ozayo.
"Ukuze unqobe imidlalo kumele ushaye amagoli. Abadlali esinabo esikwatini sibakhethe ngoba siyabadinga, yibona abakwazi ukuhlohla amagoli. Laba abafana abaqinile ekuhlaseleni, okuyinto esiyidinga kakhulu," kusho uBroos.
“Noma kunjalo, akufanele sikhohlwe wukuthi kufanele simake kahle, sivale nasemuva. Uma sigwema ukungenelwa amagoli sizobe sesizinciphisele umsebenzi okufanele siwenze kule midlalo.”
Kubadlali ababiziwe kubalwa owePirates wasesiswini oshisayo kulezi zinsuku, uTshepang Moremi, nesitobha seMamelodi Sundowns, uMalibongwe Khoza.
UBroos, othathe izintambo kwiBafana ngo-2021, uthe bekungelula ukunciphisa isikwati kodwa ekugcineni ubengeke akwazi ukukhetha abadlali abangaphezu kwabangu-23.
"Sinesibalo esihle sabadlali esingakhetha kubona manje. Eminyakeni embalwa edlule bekunzima ukuthola abadlali abasezingeni eliphezulu abangu-23 kodwa manje sekunzima ukushiya abanye ngaphandle," kusho lo mqeqeshi.
“Sineqembu labadlali cishe abangu-45 esingakhetha kubona futhi esibathembile bonke. Kwesinye isikhathi izinqumo sizithatha ngokubheka izidingo zemidlalo namaqembu esisuke sizodlala nawo.”
Isikwati seBafana Bafana esizobhekana neZimbabwe neRwanda
Onozinti: Ronwen Williams, Ricardo Goss, Sipho Chaine
Izitobha: Malibongwe Khoza, Khuliso Mudau, Aubrey Modiba, Khulumani Ndamane, Mbekezeli Mbokazi, Thabang Matuludi, Samukelo Kabini, Nkosinathi Sibisi.
Abasesiswini: Teboho Mokoena, Sphephelo Sithole, Bathusi Aubaas, Thalente Mbatha.
Abagadli: Thapelo Morena, Oswin Appollis, Sipho Mbule, Iqraam Rayners, Lyle Foster, Tshepang Moremi, Mohau Nkota, Relebohile Mofokeng.
Related Topics: