UNOZINTI waMaZulu FC uDarren Johnson
Image: BACKPAGEPIX
UBONGA ukuthi ufike washeshe walithola ithuba lokudlala unozinti waMaZulu FC, uDarren Johnson.
Lo nozinti (28) ujoyine uSuthu ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiChippa United.
Phambilini ubesevimbele amaqembu afana ne-University of Pretoria, Cape Town Spurs ne-Ajax Cape Town.
Ngesizini edlule udlale imidlalo emihlanu kwiChilli Boys, nokuyisibalo semidlalo aseyidlalile kuMaZulu yize isizini isanda kuqala.
Udlale okokuqala uSuthu lunqoba i-Orbit College FC ngo 1-0 koweBetway Premiership ngo-Agasti.
Kowakamuva neKaizer Chiefs obuseFNB Stadium ngoLwesithathu uqokwe njengomdlali ovelele ngesikhathi evimba iphenathi namanye amashodi emdlalweni ophele zibambene ngo 1-1.
“Lo mdlalo uvuselele ukuzethemba kimina. Ngizizwa ngikwelinye izinga ngokomqondo njengamanje. Okunye sengizokubeka ezandleni zabaqeqeshi. Ngizoqhubeka nokusebenza kanzima ngithembe noNkulunkulu,” kusho uJohnson.
“NgoLwesithathu ngikwazile ukukhombisa ukuthi yini engingayenza. Ngiyethemba ukuthi ngizoqhubeka nokukhula, ngakhele phezu kwalokhu engikwenze emdlalweni odlule. Ngeke ngisho okuningi ngokwenzeke eqenjini engiphuma kulona kodwa sengigxile kuMaZulu futhi ngibonga ithuba lokuba kuleli qembu.”
Usuthu luzoqala iCarling Knockout ngokubhekana nompetha, iMagesi FC, eMoses Mabhida Stadium kusasa ngo-6 ntambama.
UJohnson uthe lo mdlalo umqoka kubona njengoba behlose ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano.
Umgqigqo weqembu muhle okwamanje, siyakha. Ithimba labaqeqeshi lenza umsebenzi oncomekayo nathi njengabadlali. Umphumela esiwuthole emdlalweni odlule bekungewona ebesiwufuna kodwa usinike ukuzethemba njengoba sesiya emdlalweni womkhumulajezi,” kusho uJohnson.
"Sinezinhlelo nezifiso ezithile ngale sizini. Ukunqoba indebe kungenye yezinto esizibekele zona kule sizini. Siwubheke ngabomvu lo mdlalo womkhumulajezi. Sizobe sidlalela ekhaya futhi kufanele nakanjani sinqobe. Sizoyihlonipha iMagesi njengeqembu elivikela indebe kodwa siyazi ukuthi yini esingayenza,” kuphetha lo nozinti.
Related Topics: