UNOZINTI weMagesi FC, u-Elvis Chipezeze
Image: BACKPAGEPIX
UTHEMBISA ukuthi iqembu lizozama konke okusemandleni ukuphinde lenze kahle kwiCarling Knockout yize kuzoba nzima ukaputeni weMagesi FC, u-Elvis Chipezeze.
IMagesi FC izoqala ukuvikela isicoco esinqobe ngesizini edlule ngokubhekana naMaZulu FC koweLast 16 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ngo-6 ntambama.
Leli qembu elizinze eLimpopo, lisendaweni ka-15 kwi-log yeBetway Premiership ngamaphuzu ayisithupha emidlalweni eyisishiyagalolunye. Lisanqobe umdlalo owodwa, ladlala ngokulingana kwemithathu, lahlulwa kwemihlanu.
IMagesi ishaqisa iningi ngesizini edlule ifika esigabeni esiphezulu, ngokuwina iCarling Knockout yehlula iMamelodi Sundowns kowamanqamu. Endleleni igudluze i-Orlando Pirates, TS Galaxy ne-Richards Bay.
“Ngesizini edlule sikwazile ukuqopha umlando futhi siyazi ukuthi kuzoba nzima kodwa njengabadlali siyaqina uma sibhekene nengcindezi,” kusho uChipezeze.
“Njengawo wonke amaqembu, uma uqala umqhudelwano usuke uhlose ukuhlula izimbangi zakho. Kodwa lokho akuzi ngomlomo, kumele usebenze enkundleni.”
Njengoba iMagesi izovula noSuthu, okuyiqembu esanda kubambana nalo ngo 1-1 emdlalweni weligi ngo-Agasti 30, uChipezeze uthe bayakwazi abazobhekana nakho eThekwini, ngeSonto.
"Lona wumdlalo omuhle wokuvula umqhudelwano ngoba sisanda kudlala nabo. Banesipiliyoni esiningi kodwa lokho kuyasigqugquzela ukuthi senze kahle. Sizobhekana nabo ngenhloso yokuthola umphumela omuhle ekupheleni komdlalo,” uqhube kanje lo nozinti.
Yize iDikwena tsa Meetse ingakangeni egiyeni kule sizini, uChipezeze uthe imiphumela izolandela uma benamathela emaqhingeni omqeqeshi, uJohn Maduka.
“Abantu kumele bakhumbule ukuthi siseyizingane kule ligi. Siyakhula, sisazama ukuzakhela igama futhi kuthatha isikhathi. Umgqigqo uyeza, umsebenzi esiwenzayo uzogcina uyivezile imiphumela," kusho uChipezeze.
Imidlalo yeCarling Knockout kule mpelasonto:
NgoLwesihlanu: Durban City v Polokwane City (Chatsworth Stadium, 7pm).
NgoMgqibelo: Orbit College v TS Galaxy (Olympia Park, 3pm); Orlando Pirates v Siwelele (Orlando Stadium, 3pm); Lamontville Golden Arrows v Sekhukhune United (King Zwelithini Stadium, 6pm); Mamelodi Sundowns v Marumo Gallants (Lucas Moripe Stadium, 8pm).
NgeSonto: Richards Bay v Chippa United (Richards Bay Stadium, 3pm), Stellenbosch FC Kaizer Chiefs (DHL Cape Town Stadium, 3pm), AmaZulu v Magesi FC (Moses Mabhida Stadium, 6pm).
Related Topics: