UMGADLI weKaizer Chiefs, uKhanyisa Mayo, ezama ukudlula esitobheni samaZulu FC, uTaariq Fielies, emdlalweni weBetway Premiership izolo ebusuku.
Image: BACKPAGEPIX
I-KAIZER Chiefs iphinde yahluleka ukuthatha amaphuzu aphelele ekhaya ibambana ngo 1-1 naMaZulu FC emdlalweni weBetway Premiership obuseFNB Stadium, eNasrec, izolo ebusuku.
Ukucazelana ngamaphuzu kwala maqembu kusho ukuthi Amakhosi esedlale imidlalo emithathu yeligi ilandelana engayitholi iwini, yomithathu eyidlalela ekhaya.
Aqale agingqwa phansi yiSekhukhune United ngo 3-1, abambana ngo 1-1 neMarumo Gallants njengoba ephume nephuzu izolo.
IChiefs iyona ecindezele kuqala kulo mdlalo kodwa ihluleke ukuliqondisa emapalini ibhola uma isifike phambili.
Usuthu alubanga nenkinga efanayo njengoba lubhakuzise inethi ngethuba lokuqala elilitholile ngomzuzu ka-21.
Ibhola eligotshwe ngu-Andiswa Sithole engakwesokunxele litholwe nguThandolwenkosi Ngwenya ngekhanda, waphambana nalo unozinti weChiefs, uBrandon Petersen.
Amakhosi athole ithuba lokulinganisa kusadlule imizuzu eyisishiyagalombili ngesikhathi ibhola lishayisa engalweni kaRiaan Hanamub, unompempe walikhomba emlotheni.
Limoshekile lelo thuba ngenxa yokuthi unozinti uDarren Johnson uyivimbile iphenathi ebikhahlelwe nguGlody Lilepo.
Kuze kwalunga ngomzuzu ka-32 uMduduzi Shabalala elinamathisela enethini ngobunyonico ngemuva kokuphakelwa nguPule Mmodi.
Kwale kancane ukuthi kuyiwe ekhefini Amakhosi esehamba phambili ngebhola ebelisuka onyaweni lukaMmodi ebelibheke enethini, loniwa ukuthintwa ngukhanyisa Mayo obesemhlabeni ongafanele.
Nasesiwombeni sesibili, iChiefs ibihlasela kodwa ifike igeje uma isingasebhokisini, noma ibhola lingafiki kahle kubagadli.
Kuphinde kwagqama ukuthi leli qembu eliphekwa ngamabamba, uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze, lisanenkinga yokuba buthuntu phambili.
Amakhosi agcina ngomdlalo wokuvula isizini ukushaya amagoli amabili ngesikhathi enqoba iStellenbosch FC ngo 2-0.
Usuthu nalo lube nayo iminyakazo ebithembisa kodwa kufike kubhede uma sekufanele kuphume iphasi yokugcina ezoqondanisa umdlali nepali.
Nalo leli qembu elicijwa ngu-Arthur Zwane lijwayele ukushaya igoli elilodwa emidlalweni, ngaphandle kwemibili eliyidlale neStellenbosch FC, kwiMTN8 nakwiligi.
Lo mphumela usho ukuthi kuzoyiwa ekhefini leFifa lemidlalo yamazwe ngamazwe Amakhosi esendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-15 emidlalweni eyisishiyalombili. Usuthu lona lukweyesishiyagalolunye ngamaphuzu angu-12 emidlalweni elinganayo.
Womabili la maqembu asezobheka imidlalo yeLast 16 yeCarling Kockout azoyidlala ngempelasonto. IChiefs izodudulana neStellenbosch FC eDHL Cape Town Stadium ngeSonto, ngo-3 ntambama. Usuthu lutholane phezulu neMgesi FC eMoses Mabhida Stadium ngosuku olufanayo ngo-6 ntambama.
Related Topics: