Ezemidlalo Ibhola

UMere akayizwa eyokulahlwa 'kwamakhehla'

Zakhele Xaba|Published

UVUYO Mere owayengumdlali weMamelodi Sundowns neBafana Bafana, uyasigxeka isinyathelo samaqembu eBetway Premiership sokuxosha abadlali abanamava, adume nabasebancane.

UMere ngomunye wabadlali abadlale isikhathi eside esigabeni esikhokhelayo eMzansi. Waqala ukudala kwiBetway Premiership ngo- 2004 eyibamba kwiHellenic yaseKapa. Uyeke ibhola ngesizini edlule esedlalela iTS Galaxy, wajoyina ithimba layo labaqeqeshi. 

Njengoba isizini yePremiership isiphakathi, baningi abadlali asebehanjelwe yiminyaka abangawatholi amaqembu. Kulaba badlali kubalwa uRamahlwe Mphahlele (35) noWayde Jooste (34) abahlukane naMaZulu, Thamsanqa Mkhize (37) obengukaputeni weCape Town City, Lindokuhle Mbatha (40) obeyibamba kwiGalaxy nabanye.

Sekuyinto ejwayelekile eMzansi ukuthi abadlali abaneminyaka engaphezu kuka-30 yobudala bashaywe ngesithende. 

"Kuningi okuhle nokubi ngoba uma usunabadlali abaningi abancane eqenjini, akekho okhuza omunye. Akekho okhomba indlela, akhuze uma sebephuma endleleni. Abadlali abadala sebeyagudluzwa okuyinto engiphatha kabi. Ngifisa ukuthi amaqembu abagcine abadlali abadala abenele ukuze bezocathulisa abancane," kusho uMere.

"Abadlali abadala benza umsebenzi omkhulu ngaphakathi eqenjini, bayazi ukuthi kungani bekhona. Bahlala becabangela imindeni yabo ngoba bayazi ukuthi sesiyaphela isikhathi sabo esigabeni esiphezulu. Ngakho bazama ukwelula isikhathi sabo enkundleni ekubeni abadlali abancane bayazi ukuthi kuneqembu elisazobasayinisa okuyinto embi. Uma usuqala ukukholwa ukuthi kukhona abazokuthatha, wayeka ukujabulela ikhaya lakho, uzoshayeka. Sibabonile abadlali abaphezulu abadlale eNdebeni yoMhlaba nasemaqenjini amakhulu, emuva kokuphuma kuwona, akasekho obafunayo."

Nakuba isaqhubeka eyokushaywa ngesithende kwabadlali abadala kodwa akhona amaqembu avuna izithelo zokudlalisa abancane emaqenjini ePremiership. Emaqenjini ashintshele kwinjejane kukhona i-Orlando Pirates eshaya ngoMbekezeli Mbokazi (20), Relebohile Mofokeng (20) asebephenduke abadlali beBafana Bafana.