INHLANGANO eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, yephuce iBafana Bafana amaphuzu kulandela ukudlalisa kungafanele umdlali wasesiswini, uTeboho Mokoena, ngesikhathi ibhekene neLesotho emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoMashi, nonyaka.
Emasontweni adlule, iFifa ithumelele iSouth African Football Association (Safa) incwadi iyazisa ukuthi isiluqalile uphenyo mayelana nokudlaliswa kukaMokoena owaboshelwa enamakhadi aphuzi amabili. Kulowo mdlalo, iBafana yawina ngo 2-0. Nokho konke lokho kujikile kwazise iFifa isiwathathile lawo maphuzu, umphumela womdlalo yawunika iLesotho ngo 3-0. Ngaphezu kwalokho, iSafa ihlawuliswe imali elinganiselwa ku-R217 000. UMokoena uxwayisiwe kuphela.
Ukuhamba kwamaphuzu amathathu eBafana, ebisesicongweni kuGroup C, kusho ukuthi isiyalingana neBenin ngawu-14 emuva kwemidlalo eyisishiyagalombili. Akubuzwa ukuthi lokhu kufaka ingcindezi njengoba leli qembu eliholwa ngumqeqeshi, uHugo Broos, lizodlala imidlalo emibili yokugcina yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. IBafana izobhekana neZimbabwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-Okthoba 10, isonge neRwanda ngo-Okthoba 14 eMbombela Stadium, eNelspruit. Abafana bakaBroos sebedinga ukuyiwina yombili le midlalo, bathandazele ukuthi iBenin ingawini ngamagoli amaningi emidlalweni emibili ezoyidlala neRwanda ngo-Okthoba, 10 neNigeria ngo-Okthoba 14, ekuhambeni.
INigeria esendaweni yesithathu kwi-log kaGroup C, isibuyele ngokugcwele embangweni wokuqeda eqhulwini. ISuper Eagles inamaphuzu angu-11 emidlalweni eyisishiyagalombili. Lokhu kusho ukuthi uma ingehlula iLesotho neBenin ingaba namaphuzu angu-17.
Related Topics: