UMDLALI wasesiswini waMajita, uShakeel April, okholwa wukuthi leli qembu lizobuya nomfutho omusha emdlalweni wesibili wamaqoqo eNdebeni yoMhlaba.
Image: INSTAGRAM
LISEKHONA ithemba lokuthi iqembu lesizwe labesilisa lika-Under-20 lisengavuka emdlalweni walo olandelayo weNdebe yoMhlaba nakuba lilahle amaphuzu seliyoshona emdlalweni walo wokuvula neFrance.
Amajita aguqiswe yiFrance ngo 2-1 emdlalweni wawo wokuqala kaGroup E ngoMsombuluko ebusuku, kulo mqhudelwano obanjelwe eChile.
Leli qembu alikaze lidlule esigabeni samaqoqo phambilini, okusho ukuthi lidinga ukuvuka lizithathe emidlalweni emibili esele kuleli qoqo ukuze lizibeke ethubeni lokuqeda leli shobolo.
IFrance igadle kuqala ngegoli lika-Anthony Bermont maphakathi nesiwombe sokuqala, Amajita asheshe aphendula ngephenathi kaJody Ahshene.
Kuthe sekusele imizuzu engu-10 esiwombeni sesibili, uLucas Michel washayela iFrance igoli ethathe ngalo amaphuzu womathathu.
"Ufunda lukhulu emaphutheni. Ngicabanga ukuthi sizamile, nakuba kungesiwona umphumela ebesiwufuna kodwa sisalelwe yimidlalo emibili," kusho umqeqeshi waMajita, uRaymond Mdaka.
"Sizowuhlaziya umdlalo sibone ukuthi sizowuhlelela kanjani olandelayo. Sikholwa wukuthi singakwazi ukuphakama. Uma iqembu lihluleka ukwakha amathuba okushaya amagoli kuba yinkinga kodwa uma liwakha bese liyageja kuyakhombisa ukuthi yikuphi okudinga ukulungiswa.
"Sizozama ukuzikhuthaza ukuze siqale umdlalo olandelayo ngegiya eliphezulu, siqonde ukuthi sizele ukuzoqhudelana lapha. Ngiyethemba ukuthi sizowuthola umphumela omuhle.”
Amajita asezobhekana neNew Caledonia ngoLwesihlanu ngo-1 ezintathakusa.
Leli lizwe eliqhamuka ezwenikazi i-Oceania, lidlala okokuqala kulo mqhudelwano. Libingelelwe ngesibhaxu sika 9-1 yi-United States emdlalweni walo wokuvula.
I-United States iqhwakele kuGroup E ngamaphuzu amathathu, ilandelwe yiFrance ngamaphuzu alinganayo. INingizimu Afrika neNew Caledonia basagingqa amaqanda.
Umdlali wasesiswini waMajita, uShakeel April, ukholwa wukuthi bangawathola amaphuzu abawadingayo uma bengalungisa abawenze emdlalweni wokuqala.
“Ngibe nethuba lokushaya igoli kodwa ngaxhamazela. Siwatholile namanye amathuba. Ngibona sengathi kube yilowo umehluko phakathi kwethu neFrance. Bona bawasebenzisile amathuba,” kusho u-April.
"Kodwa-ke sizoza ngamandla emdlalweni olandelayo. Ngilindele ukuthi sibuyele ezingeni lethu, silawule umdlalo ngoba yilokho esikwenza kangcono. Asiliphathanga ngokwanele ibhola emdlalweni wokuqala kodwa sizodlala ibhola lethu kolandelayo."
Related Topics: