UMGADLI we-Orlando Pirates, uYanela Mbuthuma, okubhekwe ukuthi aqhubeke nokukhuphula izinga.
Image: ORLANDO PIRATES
UTHEMBISA ukuthi bazoqhubeka nokumpheka umgadli osemcane uYanela Mbuthuma, umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou.
UMbuthuma (23) ungene esuka ebhentshini ekuqaleni kwesiwombe sesibili, washaya amagoli amabili ngesikhathi ezikaMagebhula ziguqisa iLioli FC yaseLesotho ngo 4-0 emlenzeni wesibili womzuliswano wokuqala wokuhlungela isigaba samaqoqo seCaf Champions League.
Amanye amagoli amabili abekwe enethini nguTshepang Moremi, eZimnyama zagcina zinqobe ngo 7-0 uma sekuhlanganiswe nomphumela womlenze wokuqala.
UMbuthuma ujoyine iPirates ngaphambi kokuqala kwesizini esuka kwiRichards Bay FC.
Udlale esuka ebhentshini emdlalweni wokuvula weMTN8 bebhekene nePolokwane City, nakowokuqala weligi beshaywa yiSekhukhune United kodwa muva nje ubengasalitholi ijezi.
"UMbuthuma ungumdlali osemcane. Ungomunye wabadlali bakuleli abanethalente. Ngicabanga ukuthi izinhloli zethu zenza umsebenzi omuhle ngokumletha kuleli qembu,” kusho u-Ouaddou.
“Usedlalela iqembu elihlukile manje, elinenqwaba yabadlali. Siyazama ukumpheka ukuze abe ngomunye wabadlali abaphambili kuleli futhi wenza kahle. Sifuna akhuphule izinga kakhulu kunalokhu.
“Ngiabule ngendlela adlale ngayo kodwa sisadinga ukuqhubeka nokusebenza. Usemncane kodwa lisazokhula izinga lakhe lokuzethemba.”
Izinto zike zangamhambela kahle u-Ouaddou, othathe izintambo ekuqaleni kwesizini, ngesikhathi iPirates inqotshwa emidlalweni emibili yokuvula isizini.
Kusukela lapho, leli qembu selinqobe isicoco seMTN8, lawina imidlalo emine ilandelana yeBetway Premiership njengoba selinqobe nemibili yokuhlungela isigaba samaqoqo seChampions League.
U-Ouaddou uthe akukho okuningi abakushintshile kodwa bebedinga isikhathi ukuze bathole le miphumela emihle.
“Angishintshanga lutho kule midlalo yakamuva. Ukuthi nje ngiyawuthemba umsebenzi engiwenzayo nabadlali bami. Okunye okumqoka yindlela iqembu elingithemba ngayo ngoba kuba nzima uma abaphathi beqembu bengakuthembi,” usho kanje u-Ouaddou.
“Sibe nezingxoxo eziningi nabadlali, ngikhulumile nabo ngabodwana ukuze baqonde ukuthi ngifuna sidlale kanjani uma sihlasela noma simaka. Njengoba sengike ngasho phambilini, nginethimba elihle labaqeqeshi engibambisene nalo.
“Kusekuningi okufanele sikwenze ngoba kuningi esihlose ukukufeza kule sizini. Ngijabule ngalokhu esikwenzayo njengamanje.”
UMbuthuma kulindeleke ukuthi aqhubeke nokuthola isikimu kweZimnyama njengoba sezibuyela emkhankasweni wokwenyuka kwi-log yePremiership. Lo mgadli ubanga ijezi nabagadli asebevuthiwe okubalwa kubona u-Evidence Makgopa noTshegofatso Mabasa.
I-Orlando Pirates isendaweni yesishiyagalombili kwi-log yeBetway Premiership ngamaphuzu angu-12 emidlalweni eyisithupha. Isele ngamaphuzu ayisishiyagalolunye eqenjini eliqhwakele, iMamelodi Sundowns, eliyishiya ngemidlalo emine.
EZimnyama zizozama ukunciphisa leli gebe uma sezidlala olandelayo weligi neTS Galaxy e-Orlando Stadium kusasa ngo-7.30 ebusuku.
Related Topics: