Ezemidlalo Ibhola

Kutuswe ogile izimanga amaBhokobhoko ejuqa i-Argentina

Xolile Mpisane|Published

UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi noSacha Feinberg-Mngomezulu, obe ngumdlali ovelele ngesikhathi benqoba i-Argentina ngoMgqibelo.

Image: SA RUGBY

USACHA Feinberg-Mngomezulu uqophe umlando eHollywoodbets Kings Park Stadium ngoMgqibelo ntambama, eshaya amaphuzu angu-37 ngesikhathi amaBhokobhoko enenebula i-Argentina ngo 67-30 emdlalweni weRugby Championship.

Lo mdlali (23) uyena osephethe irekhodi lokushayela amaBhokobhoko amaphuzu amaningi emdlalweni owodwa njengoba ephule ebeliphethwe nguPercy Montgomery lamaphuzu angu-35.

Uphinde wakhombisa ukuthi kungani ethathwa njengomunye wabadlali abasebancane abanekusasa elihle ebholeni lombhoxo ngokushaya ama-try amathathu, ama-conversion ayisikhombisa namaphenathi amabili.

Ngale kwamaphuzu awatholile, ube nesandla kuma-try ashaywe ngozakwabo, ikakhulukazi ngebhola alikhahlele walibeka ezandleni zikaCheslin Kolbe, obesesalelwe wumsebenzi olula wokweqa umgqa.

Nakuba bonke abadlali beqembu lakuleli beshaye into ecokeme ngoMgqibelo kodwa umdlalo ubulawulwa nguFeinberg-Mngomezulu okhombise isibindi ngokugijima nebhola esandleni, ikhono lokuphasa ngezandla nangezinyawo kanye nelokukhahlelela ipali, nokuyizinto ezidingekayo kumdlali ogijima kwi-flyhalf.

Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, uvuna izithelo zokulinda nokubekezelela abadlali ngoFeinberg-Mngomezulu.

"Ngicabanga ukuthi akekho ongaphika ukuthi uSacha ubebukhali kulo mdlalo. Yilokhu esihlale sizama ukukusho. Awugcini nje ngokufaka umdlali enkundleni bese ulindela ukuthi abe sezingeni lomhlaba zibekwa. Akwenzeki njengomlingo, ukhula ngokuhamba kwesikhathi ngokudlala namaqembu afana neNew Zealand, Australia, Wales," kusho u-Erasmus.

Ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, uthe ukugqama kukaFeinberg-Mngomezulu kukhombise indlela iqembu lakuleli elibumbene ngayo.

"Indlela u-Sacha ashaye ngayo ama-try, nendlela alawule ngayo umdlalo ibimangaza. Abadlali abebeseduze kwakhe bamsize kakhulu ekuthatheni izinqumo. Uma senza kahle njengeqembu kwenza kube lula ukuthi umdlali nomdlali akhombise ukuthi ungubani,” kusho uKolisi.

"Umqondo wakhe ubugxile emdlalweni, ubengenawo amatata futhi ukhombise ubuholi. Eqenjini lethu sikholelwa ebuholini obuhlanganyelwe, akekho umuntu ongundlovukayiphikiswa, wonke umuntu ubamba iqhaza."

Lo mphumela wangoMgqibelo ubeke amabhokobhoko esicongweni kwi-log yeRugby Championship ngamaphuzu angu-15.

Alandelwa yiNew Zealand ehlanganise angu-14 nokunqoba i-Australia ngo 33-24 e-Eden Park, e-Auckland, ngoMgqibelo ekuseni.

I-Australia isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-11, bese i-Argentina iba semsileni ngamaphuzu ayisishiyagalolunye. 

Imidlalo emibili yokugcina ezodlalwa ngoMgqibelo, iyona ezocacisa ukuthi yiliphi iqembu elizoba ngompetha njengoba amaBhokobhoko, iNew Zealand ne-Australia besanethuba lokuthatha indebe.

I-Australia izodlala owokugcina neNew Zealand e-Optus Stadium, ePerth, ngo-11.45 ekuseni, ngaphambi kokuthi i-Argentina ibhekane namaBhokobhoko eTwickenham Stadium, eLondon, ngo-3 ntambama.