UKUTHOLA isibhaxu kwamaqembu abebanga ukuhlala esicongweni seDStv Diski Challenge, kuweze ngelibanzi i-Orlando Pirates esiqhwekele.
IPirates iqoqe amaphuzu amathathu ngokwehlula iTS Galaxy ngo 2-0 ngoMgqibelo, yahlala esicongweni se-log ngamaphuzu angu-10 emidlalweni emine. Bekubhekwe ukuthi iKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns neStellenbosch bazocosha amaphuzu emidlalweni yabo yayizolo, bayigudluze iPirates engayiqalanga kahle sizini ka-2025/2026. Nokho kuyiweze ngelibanzi ukuthola isibhaxu izolo kwalezi zimbangi esezike zayiwina iligi yeDiski. iChiefs yehlulwe ngaMaZulu ngo 1-0 ekhaya, iStellenbosch yaphuma inqina kamabuyaze kwiSiwelele, ishaywa ngo 3-0, kwathi iSundowns yakhala ngaphansi kwiRichards Bay ngo 1-0. AmaZulu neBay basezithendeni zePirates ngamaphuzu ayisishiyagalolunye iqembu ngalinye.
IPirates engakaze iyiwine iligi yeDiski, ishaya ngomqeqeshi omusha, uRoscoe Krieling, owayiqukula le ndebe ngo-2023 eyiphini likaThabo September kwiSuperSport United. Akubuzwa ukuthi le ndebe ilindelwe kakhulu emahhovisi eZimnyama. Umqeqeshi ogqamise abadlali abaningi bePirates abanye asebeyibamba esikimini seBetway Premiership, uJoseph Makhanya, ugudluziwe kwesokupheka iqembu leDiski emuva kokwehluleka ukuwina iligi kumasizini amathathu. Nokho, ukhiqize abadlali abanekhono okubalwa kubona uRelebohile Mofokeng, Mohau Nkota noMbekezeli Mbokazi bonke asebedlalela iqembu lesizwe, iBafana Bafana.
Ngaphandle kweZimnyama ezinyukele esicongweni, kukhona amaqembu azuze amaphuzu amathathu okuqala kule sizini. Iwini yeSiwelele kwiStellenbosch bekungeyokuqala selokhu kuqale isizini kuleli qembu elihaqwe yizinkinga nangaphandle kwenkundla. Kwenzeke okufanayo kwiDurban City ekhiphe ibhadi ngeMagesi, iyibhubhudla ngo 5-0 ekubeni ingakaze ishaye nelilodwa iqembu kule sizini kwiDiski.
Imiphumela yeDStv Diski Challenge:
Orlando Pirates 2-0 TS Galaxy; Golden Arrows 1-2 Orbit College; Marumo Gallants 3-2 Chippa United; Kaizer Chiefs 0-1 AmaZulu; Siwelele 3-0 Stellenbosch; Durban City 5-0 Magesi; Polokwane City 0-2 Sekhukhune United; Mamelodi Sundowns 0-1 Richards Bay