Ezemidlalo Ibhola

Kwehlisa isithunzi sePSL okwenzeka kwiSiwelele

Zakhele Xaba|Published

UKUBALWA namaligi aphezulu emhlabeni kwePremier Soccer League kuletha ukuzigqaja kubantu baseNingizimu Afrika ikakhulukazi abazifela ngonobhutshuzwayo. Leli zinga lisho ukuthi iPSL yenza izinto ngendlela ehlelekile nenobulungiswa njengokuthi imidlalo idlalelwa ezinkundleni ezisezingeni, idlalwa ngesikhathi esinqunyiwe nezinga lebhola liphezulu.

Nokho kuhlale kuqhamuka okubi okubeka engcupheni isithunzi nokuhlonishwa kwale nhlangano eholwa ngu-Irvin Khoza. Kushaqise abaningi ukuvela kwezindaba zokuthi abanikazi beqembu elisha iSiwelele, abasanda kuthenga iSuperSport United, bahambisa abadlali ngebhasi uma beyodlala imidlalo. Lokhu akwehlisi isithunzi sePSL kuphela kodwa kukhombisa ukungabakhathaleli abadlali uma ubheka isibalo sezingozi emigwaqweni yaseNingizimu Afrika. Ngaphezu kwalokho, kusalindeleke ukuthi badlale bawine emuva kokugoqana ebhasini amahora aminingi. Kwenzeka lokhu nje, iPSL inikeza wonke amaqembu kwiBetway Premiership imali engaphezu kuka-R2 million ngenyanga yokuwalekelela ngezindleko. Okushaqise kakhulu wukuzwa usihlalo weSiwelele, uCalvin Le John oyindodana kaGayton McKenzie, ethi abazile ukuzolahlekelwa yimali ebholeni njengoba futhi bengazile ukuzokwenza inzuzo. Le nkulumo ikubeka ngokusobala ukuthi akukho lesi sikhulu esizimisele ngokukushintsha kuleli qembu. IPSL isibhekene nalokhu nje, akukapheli nesikathi esingakanani ixazulule inkiyankiya yeRoyal AM egcine ixoshiwe ngenxa yokwehluleka wukunika le nhlangano isiqiniseko sokuthi izoyidlala yonke imidlalo kulandela amacala entela abebhekene nomphathi wayo uShawun "MaMkhize'' Mkhize. UMaMkhize wayethenge iqembu laseFree State, iBloemfontein Celtic elalinenkinga yemali. Kuyiqiniso ukuthi iSuperSport ibingasenayo imali yokuqhubeka neqembu kodwa ibibalwa naphethwe ngendlela ehlelekile kwiPremiership.

Isixazululo wukuthi iPSL kumele iphenyisise isimo semali kwabathenga amaqembu nolwazi lwebhola ezikhulwini kwazise lokhu kugcine kuhlukumeza abadlali futhi kwehlise nesithunzi seligi.