UMQEQESHI we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou.
Image: FACEBOOK
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, umile kwelokuthi iqembu lakhe ngeke liwuthathe kancane lo mdlalo uma selibhekene neLioli FC emlenzeni wesibili wokuhlungela i-CAF Champions League.
Lo mdlalo uzodlalelwa e-Orlando Stadium ngo-3 ntambama.
IPirates isivele ihamba phambili ngo 3-0 ngemuva kokunqoba leli qembu laseLesotho emlenzeni wokuqala obuseToyota Stadium ngoMgqibelo odlule ngamagoli amabili kaTshegofatso Mabasa nelilodwa lika-Oswin Appollis.
Yize u-Ouaddou engase enze izinguquko eqenjini kodwa uthe iqembu azolikhetha lizobe liqinile.
“Angidingi ukubona abanye abadlali bami ngoba ngiyabazi, ngibe nezinyanga ezimbili kuya kwezintathu zokubona izinga labadlali bami, ikakhulukazi ngesikhathi silungiselela ukuqala kwesizini. Sizosebenzisa iqembu eliqinile ngoba wumdlalo obaluleke kakhulu kimina, kubadlali naseqenjini,” kusho u-Ouaddou.
“Kunzima kakhulu uma udlala emiqhudelwaneni eminingi ukuthi uhlele ukuthi yibaphi abadlali asebekhathele abadinga ukuphumula. Kwesinye isikhathi kumele ucabange nemidlalo esihlehlisiwe ngoba usuke usazoyidlala nayo.
“Asifuni ukuthi abadlali badlale imidlalo eminingi ilandelana eduze kodwa futhi asifuni ukuba nemidlalo eminingi esingakayidlali ngoba ekugcineni izimbangi zethu zizoqoqa amaphuzu, kusifakele ingcindezi lokho.”
U-Ouaddou uthe usalinde imininingwane kodokotela beqembu mayelana nomdlali wasesiswini uRelebohile Mofokeng, ongakwazanga ukuzilolonga neqembu ngoLwesihlanu.
"Kufanele ngikhulume nodokotela ukuze ngiqonde ukuthi kwenzekani ngaye. URele ungumdlali obalulekile kithina kodwa ngizozwa kodokotela ukuthi bathini. Anginalo ulwazi," kuchaza u-Ouaddou.
Ngesizini edlule iPirates ifinyelele kowandulela owamanqamu kwiChampions League. U-Ouaddou uthe uyazi ukuthi kulindelwe okuthe xaxa eqenjini kule sizini.
"Lo mqhudelwano ubaluleke kakhulu eqenjini. Uma siqala noma yimiphi imiqhudelwano sisuke sihlose ukuya kude kulo mqhudelwano. Yingakho lo mdlalo ubaluleke kakhulu kithina. Sikubonile okwenzeke ngesizini edlule, futhi sidinga ukwenza kangcono. Sisebenzela lokho," kuphetha lo mqeqeshi.
Related Topics: