Ezemidlalo Ibhola

UMngqithi wehlise umoya ngokulahla amaphuzu kwe-Arrows

Xolile Mpisane|Published

UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mngqithi, nomunye wabadlali baleli qembu uGladwin Shitolo.

Image: BACKPAGEPIX

UKHOLWA wukuthi akusona isikhathi samatata yize iqembu lakhe selihlulwe imidlalo emithathu ilandelana kwiBetway Premiership umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mngqithi.

Abafana Bes’thende banqotshwa yiKaizer Chiefs eThekwini, ngo-Agasti 30, baphuma inqina kamabuyaze ohambweni lwakamuva lwaseLimpopo lapho betalajwe khona yiPolokwane City ngo 2-1 neSekhukhune United ngo 1-0.

Kuyona yomibili imidlalo ebiseLimpopo, badedele amagoli ngesikhathi esengezwe ngunompempe, bagcina bewalahle wonke amaphuzu.

Le miphumela ishiye i-Arrows endaweni ka-11 ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni eyisikhombisa.

UMngqithi ukholwa wukuthi kukuye njengomqeqeshi ukusiza abadlali baphume kuleli hlathi elimnyama abakulo.

“Kuyishwa nje, ngeke ngithande ukubasola kakhulu abafana bami ngoba eqinisweni ngizwa sengathi bayeza. Badinga ukuthi ngibaseke, badinga ubuholi bami,” kusho uMngqithi.

"Sithwala kanzima ezigabeni ezibucayi zomdlalo. Yileyo ndawo yomdlalo wethu okufanele sigxile kuyona. Ukudedela amagoli ngemizuzu yokugcina kuyona yomibili le midlalo kube buhlungu kakhulu. Ngicabanga ukuthi abadlali badlale kahle futhi kuyishwa ukuthi baphume eLimpopo bengaphethe lutho.

“Isipiliyoni sami singitshela ukuthi yisiwula esingaboni ukuthi leli qembu liza kanjani. Anginalo uvalo okwamanje ngoba ngibheka indlela izinto ezenzeka ngayo futhi nginethemba lokuthi leli qembu libheke endaweni efanele.”

UMngqithi usathembele nakubadlali abamqoka abangakakwazi ukulekelela iqembu ngenxa yokulimali nokungalungeli ukudlala ngenxa yezizathu ezahlukene. Kubona kubalwa uVelemseni Ndwandwe, Angelo van Rooi, Siphesihle Msomi, Lungelo Nguse, Osborn Maluleke no-Isaac Cisse.

“Nginabadlali abane abamqoka eqenjini lami abangakalithinti ibhola kule sizini. UNdwandwe, Van Rooi, Msomi noNguse bazobuyela eqenjini maduze futhi sizoqina ngalokho. Sisenalo ithuba lokushintsha isimo. Angikwazi ukutatazela ngicabange ukuthi izinto azilungile. Okungalungile wukuthi asiwashayi amagoli anele,” kusho uMngqithi.

UMngqithi uzobe ebheke ukuthi iqembu lakhe liwagweme la maphutha alilahlekisele ngamaphuzu emidlalweni yakamuva uma selidlala neqembu lakhe lakudala, iMamelodi Sundowns, emdlalweni olandelayo weBetway Premiership kusasa eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo 3 ntambama.