Ezemidlalo Ibhola

Ihlonishwe ngeMayoral Cup ingqalabutho yaseMfolozi

Published

ISIQANJWE ngengqalabutho ekuthuthukisweni komphakathi, uBhekisisa ''BV'' Mthethwa, imidlalo yaminyaka yonke yaseMfolozi, iMayoral Cup, esetshenziselwa ukuhlunga izikwati ezizomela uMkhandlu iKing Cetshwayo District Municipality kumaSalga Games.

Lokhu kudalulwe yiMeya yaseMfolozi, uXolani Bhengu, ngesikhathi kwethulwa le midlalo ngoMsombuluko eMfolozi. Ngokusho kukaBhengu, le midlalo isizobizwa ngeDr BV Mthethwa Mayoral Tournament ngenhloso yokuhlonipha uMthethwa owayeyiMeya yasoThungulu ngeqhaza lakhe kwezemidlalo, kwezemfundo nasekuthuthukiseni umphakathi. UMthethwa wadlula emhlabeni ngo-2018. 

"UMthethwa ubeyisakhamuzi sokuqala soMkhandlu, waphinda waba yisakhamuzi lapha eMfolozi. Siyazi ukuthi kuncane kodwa sithe asiqinisekise ukuthi igama lakhe liyahlala ebalazweni. Kungaleso sizathu ke sithe siyafisa ukwethula ngokusemthethweni ukuthi kusukela namhlanje le midlalo ngeke isabizwa ngemidlalo kaMeya. Abangene emuva kwakhe nabasazosilandela nathi, ukuba babengekho oMeya abafana noMthethwa abahlala phansi badweba ukubusa kukahulumeni, ngabe nathi asikuficanga. Yingakho ke simhlonipha," kusho Bhengu.

Kulo mcimbi, uBhengu uveze ukuthi uyafisa ukuthi intsha yaseMfolozi ivelele kwezemidlalo, ibonakale isidlala emaqenjini amakhulu njengoba ikhona esikwezile lokho.

Imidlalo yeDr BV Mthethwa Mayoral Tournament izodlalwa kusukela ngoLwesihlanu, iphele ngeSonto eSiyabonga Sangweni Sport Complex, eDondotha, eMpangeni. Kuzodlalwa ezemidlalo ezihlukene okubalwa kuzona ibhola lezinyawo, inetball, Volleyball, Tennis, Athletics, nama-Indigenous Games.

Abazowina bazodlulela emqhudelwaneni iKing Cetshwayo Mayoral Cup lapho bezoqhuthana nabavela kwamanye oMasipala abangaphansi kweKing Cetshwayo okuyiNkandla Local Municipality, Mhlathuze Local Municipality, Umlalazi Local Municipality neMthonjaneni Local Municipality ngo-Ok. Lapho kuzohlungwa abazomela lo Mkhandlu kuma-Salga eMgungundlovu ngoDisemba 5-8. KumaSalga kuzobhekana imikhandlu engu-11 eyakhele isifundazwe iKwaZulu-Natal.