Ezemidlalo Ibhola

IPirates kufanele igawule ibheke koweCaf

Xolile Mpisane|Published

ABADLALI be-Orlando Pirates uThalente Mbatha, Kamogelo Sebelebele no-Evidence Makgopa.

Image: BACKPAGEPIX

KUFANELE ukuthi i-Orlando Pirates isibhiyoze yaqeda kulandela ukuvikela kwayo isicoco seMTN8 njengoba izoqala imidlalo yokuhlungela isigaba samaqoqo seCaf Champions League namuhla.

EZimnyama zizobhekana neLioli FC yaseLesotho emlenzeni wokuqala womzuliswano wokuqala ozodlalelwa eToyota Stadium, eBloemfontein, ngo-3 ntambama.

Lo mdlalo uzodlalelwa eBloemfontein ngenxa yokungabibikho kwezinkunda ezilungele imidlalo yezinga leCaf eLesotho.

La maqembu azophinde abhekane emlenzeni wesibili ozoba se-Orlando Stadium ngoMgqibelo ozayo.

Ngesizini edlule ezikaMagebhula zifike kwezwakala kwiChampions League lapho zifinyelele khona kowandulela owamanqamu, zakhishwa yiqembu lase-Egypt elagcina libe ngompetha, iPyramids FC.

Kulokhu, zinenselelo yokukhombisa ukuthi okwenzeke ngesizini edlule bekungeyona inhlanhla ngokuphinde zibuyele esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano ohamba phambili e-Afrika.

IPirates yaba yiqembu lokuqala lakuleli elanqoba lo mqhudelwano ngo-1995, usabizwa nge-African Cup of Champions Clubs, liguqisa elase-Ivory Coast i-ASEC Mimosas.

Yaphinde yabuyela kowamanqamu ngo-2013 kodwa yanqotshwa yizinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly.

Lokhu kukubeka ngokusobala ukuthi iyabazi ubunzima bemizuliswano yokuhlungela iChampions League. Eminyakeni edlule isike yakhishwa kweyokuhlunga inqotshwa amaqembu okubalwa kuwona i-Uganda Revenue Authority neGreen Eagles yaseZambia.

Umqeqeshi obephethe izintambo kwiPirates, uJose Riveiro, wafunda isifundo esikhulu ekhishwa yiJwaneng Galaxy yaseBotswana kweyokuhlungela iChampions League ngesikhathi eqala ukungena kulo mqhudelwano.

Lokhu kuqhuzuka kwePirates yikhona umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou okufanele akusebenzise ukukhumbuza abadlali bakhe ukuthi bangazitheli ngabandayo ukuze bangangeni ogibeni olufanayo.

Abadlali abebekhona ngesizini edlule bayakwazi okudingekayo ukuze iqembu liphinde lenze kahle kulo mqhudelwano. Lolu lwazi kuzodingeka baludlulisele kubadlali abafike kule sizini, abangakaze badlale kuleli zinga.

Yize iLioli ingadumile njengePirates kodwa izolijabulela ithuba lokuzwana amandla naleli qembu lase-Orlando, futhi izongena enkundleni yazi ukuthi inalo ithuba lokudlulela phambili uma izimisela.