Ezemidlalo Ibhola

IFifa isiqale uphenyo ngodaba lukaMokoena neBafana

Zakhele Xaba|Published

INHLANGANO eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, isiqale uphenyo mayelana nokudlaliswa kungafanele komdlali weBafana Bafana, uTeboho Mokoena, emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngasekuqaleni konyaka. 

IBafana inethuba lokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026, ezodlalela eCanada, USA naseMexico, emuva kweminyaka yagcina ukuzingenela ngokwamandla ayo. Igcine ukudlala kulo mqhudelwano ngo-2010, ingosokhaya lapho eyaphuma khona emzuliswaneni wokuqala. Njengoba leli qembu eliholwa ngumqeqeshi, uHugo Broos, liqhubeka nokuqoqa amaphuzu, liphezulu ithemba nenjabulo kubalandeli bebhola eMzansi. Nokho leyo njabulo ingase iphenduke usizi uma iBafana igcina ngokuphucwa amaphuzu.

Icala leNingizimu Afrika elokudlalisa uMokoena enamakhadi amabili aphuzi ngesikhathi iBafana ibhekene neLesotho emdlalweni ewunqobe ngo 2-0 ePolokwane ngoMashi. Lo mdlali oneminyaka engu-28, wathola amakhadi aphuzi ngesikhathi iBafana ibhekene neBenin ngo-2023 nangesikhathi idlala neZimbabwe ngoJuni, nyakenye. Lokhu kusho ukuthi bekungafanele adlale koweLesotho. 

Leli phephandaba lithole ukuthi iFifa ibhalele iSouth African Football Association (Safa) ifuna izincazelo ngokwenzeka. ISafa noMokoena babekwe amacala ngokwephula imithetho okubalwa kuyona ukudlalisa umdlali ongafanele ukuba nenkundleni.

"Isimo sibi, ifikile incwadi yeFifa. Lokhu kusho ukuthi amaphuzu azohamba uma iFifa isilulandela lolu daba ngoba yinto ekhona eyokudlaliswa kukaMokoena," kusho umthombo weSolezwe ongaphakathi kwiSafa.

ISafa ibingakaphawuli ngokufika kwencwadi yeFifa. UMninawa Ntloko oyikhulumelayo, ubengalupheduli ucingo lwakhe izolo.

Ngokubika kwe-SABC, icala selisezandleni zekomiti eliqondisa ubugwegwe leFifa. Ngokwencwadi ethunyelwe ngoSepthemba 15, iSafa noMokoena banikwe izinsuku eziyisithupha ukuphendula.

Uma iNingizimu Afrika itholakala inecala, ingephucwa amaphuzu anikezwe iLesotho namagoli amathathu ngaphezulu. Kungenzeka iphinde ihlawuliswe nangokukhokhiswa imali noma ikhishwe emqhudelwaneni. Uma iBafana iphucwa amaphuzu, ingalingana neBenin ngamaphuzu angu-14 emuva kwemidlalo eyisishiyagalombili kodwa iqhubeke nokuhlala esicongweni ngenxa yokuba namagoli amaningi. IBafana iseqhulwini kuGroup C ngamaphuzu angu-17.

Nakuba iBafana isisengcupheni yokuphucwa amaphuzu kodwa kubalulekile ukucacisa ukuthi iLesotho ayisifakanga isimangalo ngesikhathi esikalwe yiFifa okungamahora angu-24 ngemuva komdlalo. Emuva kwesikhathi lolu daba lulenga, iNigeria namanye amazwe abelokhu eqhubeka nokufaka ingcindezi kwiFifa.