Ezemidlalo Ibhola

Amakhosi azoqala uhambo lweCaf kunemibuzo

Xolile Mpisane|Published

OMUNYE wabagadli beKaizer Chiefs, uGlody Lilepo, ozobe ebhekwe ukuthi asize iqembu kowokuhlungela iCaf Confederation Cup neqembu lase-Angola iKabuscorp SCP namuhla ntambama.

Image: BACKPAGEPIX

IKAIZER Chiefs kufanele ilisebenzise ithuba lokubuyisa isithunzi sayo ezwenikazi i-Afrika njengoba iqala imidlalo yokuhlungela iCaf Confederation Cup kule mpelasonto.

Amakhosi azodlala umlenze wokuqala womzuliswano wokuqala wokuhlungela isigaba samaqoqo neqembu lase-Angola, iKabuscorp SCP, e-Estadio 11 de Novembro, eLuanda, e-Angola, namuhla ngo-5 ntambama.

La maqembu azophinde adudulane emlenzeni wesibili ozodlalelwa eFNB Stadium ngoMgqibelo ozayo.

Amakhosi azibuyisele kwiConfederation Cup ngokuba ngompetha beNedbank Cup ngasekupheleni kwesizini edlule, eqeda ishobolo leminyaka eyishumi engawini izindebe.

Okubi wukuthi azongena kulo mdlalo wanamuhla neKabuscorp kusanesiphithiphithi mayelana nomqeqeshi uNasreddine Nabi. Leli qembu ligcine liphumele obala ngokuthi lo mqeqeshi odabuka eTunisia, akahambanga njengoba lise-Angola.

Isitatimende elisikhiphe izolo sithe basaxoxisana naye kodwa asicacisanga ukuthi ngubani ozohola iqembu emdlalweni wanamuhla.

Ngesikhathi uNabi engekho ekuqaleni kwale sizini kulandela ukulimala komkakhe, izintambo beziphethwe ngamaphini akhe, uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze.

 

Amakhosi ake abalwa namaqembu ahlonishwa kakhulu e-Afrika ngenxa yokukhonya ephindelela emiqhudelwani yasekhaya nokubonakala emiqhudelwaneni yeCaf.

Lezi zinkunzi zaseSoweto zayinqoba iConfederation Cup ngo-2001 isabizwa nge-African Cup Winners’ Cup, ziguqisa i-Inter Clube de Luanda yakhona e-Angola ngo 2-1.

Zabakhumbuza abalandeli bebhola kuleli zwekazi ukuthi zisekhona ngesikhathi zifinyelela kowamanqamu weCaf Champions League ngo-2021, zanqotshwa yi-Al Ahly yase-Egypt ngo 3-0, njengoba sezithole elinye ithuba lokuvakashela amazwe ahlukene ase-Afrika.

Iqembu elizodlulela emzuliswaneni olandelayo phakathi kweChiefs neKabuscorp, lizobhekana nelizonqoba phakathi kweDjabal FC yaseComoros ne-AS Simba yaseDemocratic Republic of Congo.

IChiefs seyake yaqhuzuka emidlalweni yokuhlungela lo mqhudelwano phambilini, ikhishwa yi-ASEC Mimosas yase-Ivory Coast ngo-2014 neZesco United yaseZambia ngo-2019.

I-video ephanyekwe yileli qembu ezinkundleni zokuxhumana ikhombisile ukuthi lisenabo abalandeli ngaphandle kwelakuleli, njengoba bebekhona abalamukele esikhumulweni sezindiza eLuanda.

Iningi labo beliqhamuka eDemocratic Republic of Congo, ehlukaniswe wumngcele ne-Angola, lizokweseka umgadli waMakhosi, uGlody Lilepo.

Amaqembu ayehlonishwa e-Afrika okubalwa kuwona awaseCameroon iCanon Yaoundé ne-Union Douala, i-Enugu Rangers yaseNigeria, amaqembu aseGhana i-Asante Kotoko neHearts of Oak, awasabonakali kakhulu emiqhudelwaneni yeCaf, lapho sekubusa khona kakhulu amazwe aseNyakatho ne-Afrika.

Lo mqhudelwano uyithuba lokuthi iChiefs ikhombise izwekazi ukuthi ‘Amakhosi abuyile’ ngokudlulela esigabeni samaqoqo, iphinde ihambe ibanga elide kuwona.