ISIKHWISHIKHWISHI se-Arsenal u-Eberechi Eze.
Image: EPA
IPREMIER League izoba nedili lemidlalo kule mpelasonto njengoba kunemithathu ebhekwe ngabomvu futhi ezoshiya abalandeli bekhuluma.
Nakuba kusesekuseni ukuthi kuqagulwe ukuthi umbango wesicoco uzohamba kanjani kodwa iqembu elivikela isicoco, iLiverpool, selikhombisile ukuthi ngeke lisidedele kalula.
Njengoba kwenzekile ngesizini edlule, i-Arsenal iyalandela eduze, kanti amanye amaqembu amakhulu afana neChelsea, Manchester City neManchester United abheke ukuthi angasali emuva kakhulu kwazihola phambili.
Namuhla, iLiverpool ne-Everton bazobambana ngezihluthu kowabakhaya baseMerseyside e-Anfield Stadium, kuthi e-Old Trafford kutholane phezulu iManchester United ne-Chelsea.
Kusasa, i-Arsenal izogadulisana neManchester City, okuwumdlalo ohlanganise amaqembu okulindeleke ukuthi aphinde alwele isicoco.
Le midlalo ayigcini ngokuba yimibango yamaphuzu amathathu kuphela kodwa ihambisana nomlando nokuziqhenya kwamaqembu ayizimbangi zeminyaka.
Liverpool v Everton
Idolobha laseLiverpool lizohlukana phakathi njengoba uhlangothi olubomvu lweLiverpool luzobe luvakashelwe olwe-Everton oluluhlaza okwesibhakabhaka. Nakuba iLiverpool kuyiyona ephumelela kakhulu kulawa maqembu aseMerseyside, i-Everton ihlezi iliphakamisa izinga kulo mdlalo.
Yize amaToffees ayinqoba iLiverpool e-Anfield ngo-2021, lokho kwenzeka ngesikhathi sobhubhane lweCovid 19 bengekho abalandeli enkundleni. Agcina ukuthatha amaphuzu amathathu kule nkundla kunabalandeli ngo-1999.
Manchester United v Chelsea
IManchester United neChelsea bazohlangana emdlalweni ozobe uphakathi kwamaqembu amabili alwela ukubuyisa udumo lwawo lwakudala. I-United ayiyiqalanga kahle isizini, inqobe umdlalo owodwa kwemine, futhi kusemqoka kuyona nomqeqeshi wayo uRuben Amorim ukuthi ibuyise isithunzi kulandela ukuxetshulwa yiManchester City ngo 3-0 ngempelasonto edlule.
IChelsea yize ingakahlulwa kule sizini kodwa nayo isazama ukuthola umgqigqo njengoba isanqobe imidlalo emibili yadlala ngokulingana kwemibili. Ukuqumba phansi i-United e-Old Trafford kungagcizelela inhloso yamaBlues yokubalwa namaqembu aphezulu kule ligi yase-England.
UMGADLI wemanchester City ongalibheki ipali u-Erling Haaland.
Image: EPA
Arsenal v Manchester City
I-Arsenal iyiqale kahle isizini, inqoba imidlalo emithathu yahlulwa owodwa. Amaphuzu iwalahle ngesikhathi inqotshwa ngompetha iLiverpool ngo 1-0 ekuhambeni. Lo mdlalo wamaGunners neCity uhlezi umnandi ngenxa yamaqhinga acishe afane ajwayele ukusetshenziswa ngabaqeqeshi bala maqembu. Lokho akumangazi ngoba umqeqeshi we-Arsenal, uMikel Arteta, wasebenza amasizini amathathu eyiphini loweCity, uPep Guardiola.
Ngesikhathi la maqembu egcina ukubhekana ngoFebhuwari nonyaka, i-Arsenal ibhudluze iCity ngo 5-1. Lowo mphumela umphoxile uGuardiola futhi akungabazeki ukuthi ubheke ukuziphindiselela. Ukuze i-Arsenal isuke ekubeni yiqembu eliqeda endaweni yesibili, igcine ibe ngompetha, kufanele ikhombise ukuthi iyakwazi ukuhlula amaqembu eqhudelana nawo.
Imidlalo yePremier League etholakala kuDStv Channel 203
Namuhla: 1.30pm- Liverpool v Everton; 4pm- Brighton v Spurs, Burnley v Forest, West Ham v Crystal Palace, Wolves v Leeds, 6.30pm- Man Utd v Chelsea, 9pm- Fulham v Brentford.
Kusasa: 3pm - Sunderland v Aston Villa, Bournemouth v Newcastle; 5.30pm- Arsenal v Man City.