Ezemidlalo Ibhola

Siyakhula isibalo sawe-PSL agolozelwa yiSpurs ngabadlali

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMGADLI obekwiCape Town Spurs, uTherlo Moosa, okuvela ukuthi uziqeqesha neCape Town City kusukela kuqale isizini kodwa akakwazi ukudlala ngenxa yamacala aqhubekayo

Image: BACKPAGEPIX

INDLELA iCape Town City ebasayinisa ngayo abadlali abanohlonze njengoba kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabo iphambene kakhulu nendlela leli qembu laseKapa eliqale ngayo impilo kwiMotsepe Foundation Championship.

Kusukela amaCitizens egencwe yizembe kwiBetway Premiership, asefake emabhukwini abadlali esingabala kubona uKeagan Dolly noNjabulo Ngcobo bodumo kwiKaizer Chiefs, Sifiso Ngobeni obesemabhukwini eMamelodi Sundowns, unozinti waseNetherlands uMickey van der Hart noWalter Bwalya waseDemocratic Republic of Congo (DRC) kodwa iwini asayizwa ngendaba. Ukuhluleka kwaleli qembu ukuqoqa amaphuzu kuholele ekutheni lihlale ngasemsileni we-log yeChampionship. 

Emidlalweni emithathu iCity eyidlale neVenda Football Academy, Hungry Lions neCasric Stars, isayibambe endaweni ka-15. 

Ngempelasonto edlule, amaCitizens akhale ngaphansi kwiCasric ngo 1-0 wegoli likaKabelo Mofokeng alibasele enetini esiwombeni sokuqala.

Ukungena emakethe yabadlali kweCity kudwebe isithombe sokuthi usihlalo wayo, uJohn Comitis, akazimisele ngokuhlala isikhathi eside kwiChampionship. 

Leli qembu lisanda kumemezela abaxhasi abasha, iSportPesa, okube ngenye yezinkomba zokuthi kunohlelo oluqhubekayo kulona. 

Kufanele ukuba kayibahleli kahle nokho indlela iCity eqale ngayo kulesi sigaba esiphakela esikhulu ebholeni laseNingizimu Afrika.

Okunye okubukeka sengathi kukhubaza iCity wukuthi kunezimpawu zokuthi nayo ibanjwe okufanayo nokuhlupha iChiefs, AmaZulu FC neChippa United ngokwahlukana.

Kusukela kuqale isizini umgadli, uTherlo Moosa onesipiliyoni kulesi sigaba uziqeqesha neCity kodwa kuze kube yimanje akucaci noma usesayinile kuyona noma cha.

UMoosa ubesemabhukwini eCape Town Spurs edliwe yizembe kwiMotsepe Foundation ngesizini edlule. Kubukeka esenkingeni efanayo nehlasele uLuke Baartman no-Asanele Velebayi abasayiniswe yiKaizer Chiefs kodwa abangakaze badlale.

Kuze kube yimanje laba badlali kabakabonakali enkundleni kwazise iSpurs isagqigqa kwiSouth African Football Association (Safa) izama ukubavimba ukuthi badlale kwiChiefs ngenxa yokuthi leli qembu libathathe bhusende. Lokhu kuphambene nomthetho webhola lakuleli obagunyaza ukusayina kunoma yiliphi iqembu abalithandayo ngoba iSpurs isingama-amesha.

Isimo siyefana kuMaZulu ngoLiam Bern noMarvin Boji osayine kwiChippa United abangakaze badlale emaqenjini abo amasha. 

Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship: 

NgoMgqibelo

Midlands Wanderers v Highbury (3pm, Harry Gwala Stadium; Black Leopards v Lerumo Lions (3pm, Thohoyandou Stadium); Upington City v Gomora United (3pm, Dicky Jacobs Stadium; University of Pretoria v Hungry Lions (3pm, Tuks Stadium).

NgeSonto

The Bees v Milford (3pm, KaNyamazane Stadium); Leicesterford City v Venda (3pm, Dobsonville Stadium); Cape Town City v Kruger United (3pm, Athlone Stadium); Baroka FC v Casric Stars (3pn, Mafori Mphahlele Stadium).