UMDLALI wasemuva we-Orlando Pirates, uNkosinathi Sibisi, ufuna balwele ukuwina zonke izicoco kwiBetway Premiership
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uNkosinathi ''Bhodlela'' Sibisi, udalule ukuthi ukushaya ngenqwaba yabadlali abaseqophelweni eliphezulu kubenza balambele ukuwola ezinye izicoco kwiBetway Premership.
IPirates iqukule indebe yeMTN8 okwesine kulandelana ngemuva kokuxebula iStellenbosch FC Nelspruit, ngempelasonto edlule. Ngalokhu, iqophe umlando wokuba yiqembu lokuqala eMzansi eliwine le ndebe, okuvulwa ngayo isizini, amahlandla amane elandelana. Nakuba abalandeli beZimnyama bejabule ngokuwina kweqembu labo indebe kodwa emasontweni adlule bekunokungabaza ngesikhathi kufika umqeqeshi omusha, u-Abdeslam Ouaddou, ongene endaweni kaJose Riveiro abebemthanda.
Lokhu kungabaza kubhebhethekiswe yindlela eZimnyama eziqale ngayo imidlalo yePremiership, zihluleka ukucosha amaphuzu agcwele emidlalweni emibili yokuvula lapho ezihlulwe khona yiSekhukhune United, zabanjwa yiMarumo Gallants. Okunye obekucika abalandeli wukudlalisa kwakhe inqwaba yabadlali abasha. Nokho ngokuwina iMTN8, kubukeka lo mqeqeshi esezifakile ezinhliziyweni zabalandeli bePirates.
"Uma kunoshintsho kubakhona ukungabaza. Kodwa thina besazi ukuthi yini esingayenza futhi ngicabanga ukuthi sikutshengisile lokho ngesikhathi siseSpain (bezicijela ukuqala kwesizini). Kube nokuhixihixi nje nokuqala kabi isizini kwiligi kodwa siyalazi izinga eliphezulu labadlali esinabo. Ngakho ke akukho ukungaphuphi ngokuwina zonke izindebe. Ayikho enye indlela enhle yokuqala ngaphandle kokuwina iMTN8. Ngicabanga ukuthi kufanele sikhokhele iqembu ngokuwina le miqhudelwano. Okwethu wukuqhubeka nokusebenza, sibone ukuthi kuhamba kanjani," kusho uSibisi.
EZimnyama zidlale zisebuhlungwini kulandela ukulimala engozini yomgwaqo kwethimba labaqeqeshi okukhona kulona u-Ouaddou nomdlali wasemuva, uThapelo Xoki. U-Ouaddou ubeqeqesha egodle ingalo.
"Le nto eyethu sonke, abanathi lapha nabangekho. Ngokwethu, wumsebenzi weqembu lonke futhi sizoqhubeka sokusebenza. Sizolwela zonke izindebe ngenxa yobisi lwabadlali esinalo," kusho uSibisi.
IPirates okuhlehliswe umdlalo wayo weligi naMaZulu, isizobhekana neLioli yaseLesotho, kowomlenze wokuqala wokuhlungela isigaba samaqoqo seCaf Champions League eFree State Stadium, eBloemfontein, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Owomlenze wesibili uzoba se-Orlando Stadium, eSoweto, ngoSepthemba 27.
Related Topics: