Ezemidlalo Ibhola

Amajimbos azidlela amahlanga kwiCosafa Cup

Zakhele Xaba|Published

UMGADLI waseNingizmu Afrika, uThandanani 'Obama' Mhlongo ongomunye wabadlali bakuleli abagqamile emqhudelwaneni iCosafa Cup oqhubekayo eZimbabwe

Image: Isithombe:COSAFA

IQEMBU lesizwe lika-Under 17, Amajimbos, lizibeke ethubeni lokuvikela indebe yeCosafa Cup ngokwedlulela kowandulela owamanqamu izolo.

Amajimbos ahlule iMalawi ngo 4-1 emdlalweni wokugcina wesigaba samaqoqo eNgoni Stadium, eHarare, eZimbabwe. Amagoli aweze iqembu lakuleli ashaywe ngu-Inganathi Simama amabili, Mpho Molepo noNtokozo Madondo. Abafana bomqeqeshi, uVela Khumalo, sebezobhekana neComoros kowandulela owamanqamu kusasa ngo-12 emini. Komunye umdlalo owandulela owamanqamu, iMozambique izoqhuthana ne-Angola.

Ukudlulela kowandulela owamanqamu kweqembu laseMzansi kusho ukuthi lisethubeni lokuvikela indebe yeCosafa eliyinqobe nyakenye. INingizimu Afrika iyona eyawunqoba futhi lo mqhudelwano udlalwa okokuqala ngo-1994. ICosafa edlalwa ngamazwe angu-12 asezansi ne-Afrika, isetshenziselwa ukuhlungela omkhulu okuyi-Africa Cuo of Nations (Afcon). Amajimbos aseshaye amagoli angu-12, angenelwa ngamabili kuphela. Aqale ngokuvulela isibhaxu sika 3-0 kwiZambia engelinye lamazwe ahlonishwayo emiqhudelwaneni yabasakhula e-Afrika. Emdlalweni wesibili Amajimbos azidlele amahlanga kwiMadagascar iyilobola ngo 5-1, ngaphambi kokuqeda ngeMalawi kowayizolo. Kubadlali abagqamile eqenjini laseMzansi, kukhona uThandanani "Obama" Mhlongo odlalela AmaZulu, oshaye amagoli amathathu koweMadagascar. 

Ngaphambi kokuqala kweCosafa, uKhumalo ubebalisa ngokungasitholi isikhathi sokulungiselela iqembu lakhe ngenxa yokuthi abadlali bayafunda.