UTSHEPANG Moremi osuke ebhentshini washayela i-Orlando Pirates amagoli amabili iguqisa iStellenbosch FC ngo 3-0 kowamanqamu weMTN8.
Image: BACKPAGEPIX
I-ORLANDO Pirates ivuke injebomvu kwi-extra time yabhaxabula iStellenbosch FC ngo 3-0 kowamanqamu weMTN8 eMbombela Stadium, eMpumalanga, ngoMgqibelo ebusuku.
Umdlalo uphele zibambene ngo 0-0 ngemuva kwemizuzu engu-90, kodwa abadlali abasuke ebhentshini, u-Oswin Appollis, Tshepang Moremi noTshegofatso Mabasa, badlale indima enkulu ekusizeni Ezimnyama zikhuphule izinga kwi-extra time.
UMoremi ubeke ezikaMagebhula phambili ngomzuzu wesibili we-extra time, ngaphambi kokuthi uMabasa ayishayele elesibili ngaso isiwombe sokuqala.
Kuthe ngesiwombe sesibili se-extra time uMoremi waphinde walibeka enethini, wamshiya emile unozinti weStellies, uSage Stephens.
U-Appollis ube nesandla kuwona womathathu amagoli njengoba kunguyena oqale iminyakazo eholele ekutheni ibhola lifike kwababhakuzise inethi.
Ukunqoba kweZimnyama kusho ukuthi ziphinde zaqopha omunye umlando ngokuba yiqembu lokuqala ukunqoba indebe yomkhumulajezi amahlandla amane elandelana kwiPremier Soccer League.
Kuchaza ukuthi nomqeqeshi wazo, u-Abdeslam Ouaddou, ulandele ezinyathelweni zomqeqeshi avale isikhala sakhe, uJose Riveiro, ngokunqoba isicoco ngesizini yakhe yokuqala epheka leli qembu.
Related Topics: