UMGADLI weSekhukhune United uBradley Grobler ongafihli ukuthi ukubhekile ukuketula uPeter Shalulile kowerekhodi lamagoli e-PSL
Image: BACJPAGEPIX
AKALILAHLILE ithemba ngokugudluza uPeter Shalulile esicongweni ngokuhlohlwa kwamagoli kwiPremier Soccer League (PSL), uBradley Grobler, okunguyena obukeka enethuba lokwenza lokhu kwazise ukwabayiqale kahle isizini yeBetway Premiership neSekhukhune United.
UShalulile weMamelodi Sundowns, nguyena osekhonya ekuhlohlweni kwamagoli kwi-PSL kusukela yasungulwa ngo-1996 kulandela ukuyibhakuzisa kwakhe ihlandla lika-130 inethi ngaphambi kwekhefu lemidlalo yeFifa.
Bese lineminyaka leli rekhodi liphethwe nguSiyabonga Nomvethe owagaxa amakhokho emgibeni ngo-2019 esewabone amahlandla angu-129 lapho egxunyekwe ngakhona amapali.
UGrobler (37) usanda kuvakasha kwiMarawa Sports Worldwide (MSW) lapho ebhoboke khona ngalesi sifiso esingabukeki siyiphupho kwazise usele kuShalulile ngamagoli ayisihiyagalolunye kuphela njengoba awakhe angu-121.
Emidlalweni eyisishiyagalombili yeSekhukhune ngokwahlukana kwemiqhudelwano kusukela kuqale isizini, uGrobler useshaye amagoli amane. UShalulile useshaye amabili emidlalweni emihlanu.
“Ukuba wumgadli onamagoli amaningi kunabo bonke kwi-PSL yinto ekhona emqondweni wami kodwa okwamanje kufanele sibongele siphinde situse uShalulile ngerekhodi lakhe,” kusho uGrobler.
“Okukhuthazayo ngalokhu wukuthi kubona bonke abagadli abakhona akekho ofanelwe yileli rekhodi njengoShalulile ngoba uyisibonelo uma kukhulunywa ngomdlali webhola elikhokhelayo.
“Ngenhlanhla ngiyaxhumana naye, ngakho-ke sengimbongelile ngokuhlabana kwakhe. Yebo ngiyamjabulela kodwa lokhu akukucishi ukukhuthazeka kwami ngoba ngiyabona ukuthi kungenzeka lokhu engiphupha ngakho."
Ngaphambi kwekhefu lemidlalo yeFifa, uGrobler ushaye igoli lakhe lika-100 leligi kusukela afika ebholeni elikhokhelayo eminyakeni engaphezulu kwengu-20 edlule.
UGrobler obedlalela iSuperSport United esiphenduke iSiwelele FC, ulele isithathu ohlwini lwabadlali abanamagoli amaningi ngokwahlukana kwemiqhudelwano kwi-PSL.
Kwaweligi, uGrobler ulele isibili ngawu-100 kanti uNomvethe useqhulwini ngawu-105, bese kuba nguShalulile osendaweni yesithathu ngawu-91.