Ezemidlalo Ibhola

URibeiro uvalelise ngomlayezo omude kwiSundowns

Xolile Mpisane|Published

ULUCAS RIBEIRO uqinisekisile ukuthi useyayishiya iMamelodi Sundowns.

Image: INSTAGRAM

USEVALELISILE eqenjini nakubalandeli umdlali waseBrazil obekwiMamelodi Sundowns, uLucas Ribeiro, eqinisekisa ukushiya kwakhe iqembu ngemuva kwesikhathi kungacaci ngekusasa lakhe selokhu iqalile isizini ka-2025/26.

Kusukela ajoyina iSundowns ngoJulayi ka-2023, uRibeiro ube ngomunye wabadlali abawukhiye kuleli qembu, washaya amagoli angu-37 waphinde waba nesandla kwamanye angu-23 emidlalweni engu-88 ayidlalile emiqhudelwaneni eyahlukene.

Akagcinanga nje ngokusiza iqembu linqobe izicoco, okuhlanganisa nezicoco zeligi ezimbili nese-African Football League, kodwa uphinde wahlabana ngezindondo zeFootballer of the Season ne-Players’ Player of the Season kuma-PSL Awards esizini ka-2024–25.

Nokho, kube nezinkinga phakathi kwakhe neqembu kusukela ekupheleni kweFifa Club World Cup njengoba ebesefuna ukulishiya. Ngokwemibiko ubefuna ukunqamula inkontileka yakhe ngenxa yokuthi iSundowns ibingazemukeli izicelo zamaqembu angaphandle abefuna ukumthenga.

Ekugcineni ubudlelwano bufike esiphethweni njengoba eqinisekise ukuthi useyahamba ngomlayezo awubhale ezinkundleni zokuxhumana, nakuba engacacisanga ukuthi uyaphi.

"Kusukela ngosuku lokuqala ngifika eqenjini nganikela ngakho konke, ngaphakathi nangaphandle kwenkundla, ukuze ngizuze indawo yami futhi ngivikele iMamelodi Sundowns ngokuziqhenya. Le minyaka emibili edlule ibimangalisa. Ngifunde lukhulu kuleli qembu, hhayi nje ukuba umdlali ongcono, kodwa nokuba umuntu ongcono,” ubhale kanje ekhasini lakhe kwi-Instagram.

ULUCAS Ribeiro osevalelise kubalandeli beMamelodi Sundowns.

Image: INSTAGRAM

“Ngibonga abalandeli bamaSandawana. Ngifuna nazi ukuthi ukungeseka kwenu nothando lwenu lusho lukhulu kimi, futhi angisoze ngakukhohlwa. Ngiyohlale ngithwele enhliziyweni yami imizwa yokushaya nokwakha amagoli, ukunqoba izindebe nendlela eningenze ngaziwa ngisekhaya ngayo. Ngifisa sengathi ngabe sengivalelise ngendlela engcono, kodwa ngicela nazi ukuthi uthando enginalo alusoze lwaphela.

"Ngibonga bonke abaqeqeshi abebeyingxenye yalolu hambo lwami oluhle, ngiyohlale nginazisa nonke. Ngibonga ozakwethu engibathatha njengomndeni wami wesibili, ngezimpi esizilwile, izindebe esizinqobile nakho konke esikwenze ndawonye. Niyohlala ningabafowethu, futhi ngizonikhumbula kakhulu.

"Ukudlalela iSundowns kusho lukhulu kimina futhi ngizohlala ngikukhumbula njalo. Ngiyabonga Ningizimu Afrika. Ngiyabonga ngakho konke kwiMamelodi Sundowns,” kuphetha yena.