Ezemidlalo Ibhola

AmaBhokobhoko asamukele isibhaxu sama-All Blacks

Mthokozisi Mncuseni|Published

KWALE noma sebewakhipha wonke amagwevu abo abadlali abafana noCheslin Kolbe kwanhlanga zimuka nomoya

Image: BACKPAGEPIX

UKAPUTENI obebambile kumaBhokobhoko, uJessie Kriel, nomqeqeshi wakhe, uRassie Erasmus, bakwamukele ukuthi iNew Zealand ibashaye ngo 24-17 kwiRugby Championship ngenxa yamaphutha abawenze ngemizuzu yokuqala yalo mdlalo obungoMgqibelo e-Eden Park, e-Auckland.

Kucace ngemizuzu yokuqala ukuthi amaBhokobhoko ngeke aliphule irekhodi leNew Zealand lokungehlulwa e-Auckland kusukela ngo-1937.

Zithe ziya ekhefini ezika-Erasmus bezilandela emuva ngo 14-3 kodwa zabuya zabhukula esiwombeni sesibili yize nakhona ziyeke amathuba amaningi okuzibuyisela emdlalweni.

Lo mphumela ushiye Amabhokobhoko endaweni yesithathu kwi-log ngemuva kweNew Zealnd ne-Australia. AmaBhokobhoko anewini eyodwa, alele isithathu ne-Argentina nayo enewini eyodwa.

“Konke okwenzeke kithina bekuncike emaphutheni esiwenze ngemizuzu yokuqala yomdlalo lapho sibaphe khona ama-try amabili ngaphandle kokuwasebenzela,” kusho uKriel obebambile ebhandeni nakulokhu yize uSiya Kolisi ewuqalile umdlalo.

“Nakuba bekubukeka sengathi umdlalo ubunzima kepha sithole amathuba anele okuwunqoba, sahluleka. Ngokwami umdlalo usiphunyuke lapho uma uzoqaphela ukuthi iNew Zealand ibingawayeki yona wayo."

U-Erasmus ubone kungcono ukuthi ayibongele iNew Zealand kunokuthi akhale ngabafana bakhe.

“Sishaywe yiqembu ebeliwufuna ngaphezulu kwethu umphumela ngakho-ke kufanele samukele lokhu esikutholile,” kusho u-Erasmus.

“Ngasekuqaleni senze amaphutha amabili anobu-amesha nangempela sashaywa ngawo. Ngithandazela ukuthi kubekhona okumqoka esikufundile ngala maphutha esiwenze ngasekuqaleni komdlalo. Likhuphukile izinga esiwombeni sesibili kodwa kwasho ukuthi isikhathi kasisekho. Isiphazamisile imvula kwebesizama ukukwenza kodwa lokhu ngeke sicashe ngakho ngoba nezitha zethu bezidlala emvuleni efanayo."