UKAPUTENI weLesotho uSekhoane Moerane
Image: BACKPAGEPIX
UKAPUTENI weLesotho, uSekhoane Moerane, uthi iqembu lakhe lizimisele ngokulungisa izinto uma selihlangana neBafana Bafana emdlalweni omqoka wokuhlungela iNdebe yoMhlaba namuhla.
IBafana Bafana neLikuena bazodudulana eToyota Stadium eBloemfontein, ngo-6 ntambama.
Nakuba lona kuwumdlalo wasekhaya weLesotho kodwa uzodlalelwa eBloemfontein, ngenxa yokuthi ayikho inkundla elungele ukudlala imidlalo yaleli zinga kuleliya lizwe.
Ngesikhathi la maqembu ebhekene ePeter Mokaba Stadium ngoMashi, iBafana yanqoba ngo 2-0 wamagoli kaRelebohile Mofokeng noJayden Adams.
Lo mdlalo usanogcobho kwazise iBafana idlalise umdlali wasesiswini, uTeboho Mokoena, kungafanele ngenxa yokuthi wayethole amakhadi amabili aphuzi emidlalweni emibili ngaphambi kwawo.
Inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, ayikasho lutho ngalokhu, okwenza kube nokungabaza ngala maphuzu amathathu atholwa yiBafana nokuthi kungenzeka yini agcine enikwe iLesotho.
IBafana iqhwakele kuGroup C ngamaphuzu angu-13, ilandelwe yiRwanda neBenin ababambene ngayisishiyagalombili iqembu ngalinye.
INigeria isendaweni yesithathu ngamaphuzu ayisikhombisa, iLesotho inayisithupha bese iZimbabwe iba semsileni ngamane.
"Ngesikhathi ngijoyina iqembu ekhempini ngithole abadlali bejabule. Amalungiselelo ahambe kahle. Siyakulalela okushiwo ngabaqeqeshi futhi ngikholelwa ekutheni uma siqhubeka nomqondo ofanayo sizowuthola umphumela esiwufunayo," kusho uMoerane engxoxweni nephephandaba laseLesotho, iThe Post.
"Sifuna ukudlala kahle. Ezinhliziyweni zethu sikholwa wukuthi bayasikweleta uma sibheka indlela abasihlule ngayo ngoMashi. Akukho mqoka ukuthi umdlalo udlalelwa kuphi. Sizimisele, sigqugquzelekile futhi simi ngomumo."
UMoerane uvimbela iqembu lakuleli, i-Orbit College FC, kwi-Betway Premiership futhi ungomunye wabadlali abahlanu abaseqenjini laseLesotho abazinze eNingizimu Afrika.
Abanye nguThabo Makhele odlalela iSiwelele FC, uTsoarelo Bereng noTlotliso Phatsisi abadlalela i-Upington City neBlack Leopards, ngokwehlukana kwiMotsepe Foundation Championship noFusi Matlabe okwiMpheni Home Defenders kwi-ABC Motsepe League.
ILikuena iphinde yaqinisa ithimba labaqeqeshi ngokulanda u-Abram Mongoya opheka i-Upington City nokuyisinyathelo inhloko yabaqeqeshi, uLeslie Notsi, ekholwa wukuthi izolithuthukisa iqembu.
"Sidlale neNingizimu Afrika ngoMashi futhi safunda okuningi kulowo mdlalo. Sibonile ukuthi yini esebenzile nalapho sithwale kanzima khona. Kulokhu silethe abanye abahlaziyi ukuze sifike namasu ahlukile. Asihlosile ukugwema ukuhlulwa, sifuna ukudlala kahle ukuze sinqobe,” kusho uNotsi kwi-The Post.
“Sibe namasonto ambalwa okuzilolonga nabadlali abazinze eLesotho, sadlala nemidlalo yobungani ukuze sibone lapho kufanele siqinise khona. Ukufika kwabadlali abazinze ngaphandle kuphinde kwaliqinisa iqembu.”
Umphumela wanamuhla uzoba mqoka kuwona womabili amaqembu ngaphambi kokudlulela emidlalweni elandelayo ngesonto elizayo.
IBafana izobhekana neNigeria eBloemfontein ngoLwesibili, iLesotho itholane phezulu neBenin e-Abidjan, ngosuku olufanayo.
Related Topics: