Ezemidlalo Ibhola

USaleng akakasiniki esikufunayo - Owe-Orbit

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI wasesiswini we-Orbit College FC uMonnapule Saleng.

Image: BACKPAGEPIX

UKHOLWA wukuthi akakabuyeli ezingeni lakhe umdlali wasesiswini uMonnapule Saleng, umqeqeshi we-Orbit College FC uPogiso Makhoye.

USaleng, owaqala kwi-Orbit emazingeni aphansi ngaphambi kokudlulela kwiFree State Stars, Moroka Swallows ne-Orlando Pirates esigabeni esikhokhelayo, ubolekiswe kuleli qembu laseNorth West ngaphambi kokuqala kwesizini kulandela ukuhlala isikhathi eside engadlali kweZimnyama ngesizini edlule.

Usedlale imidlalo emine yeBetway Premiership kwiMswenko Boys selokhu kuqale isizini. Angadlalanga ngesikhathi betholene phezulu nePirates ngenxa yombandela ohambisana nokubolekana kwala maqembu ongamvumeli ukuthi abhekane neZimnyama. 

Ekhuluma ohlwelweni iSport Night Amplified esiteshini somsakazo iMetro FM, uMakhoye uthe uSaleng usamsinda umthwalo wokufukula leli qembu elingomakoti esigabeni esiphezulu.

“Emidlalweni emine aseyidlalile akayena lo Seleng ebesimbona kwiPirates, usadonsa kanzima. Akakasinikezi okuningi ngoba akakawashayi amagoli,” kusho uMakhoye.

"Ngesikhathi sidlala nePirates engekho, ngibone sengathi abadlali abancane benze kahle kakhulu ngaphandle kwakhe. Sizomsiza kodwa ukuthi ajwayele iqembu, sizomnika isikhathi. Yize kudingeka isineke kodwa kumele sibeke iqembu phambili. Sizosebenzisana naye sibone ukuthi singalithuthukisa kanjani iqembu."

I-Orbit isendaweni ka-15 kwi-log yeBetway Premiership ngamaphuzu amathathu emidlalweni emihlanu. Isanqobe umdlalo owodwa, yahlulwa kwemine.

UMakhoye unethemba lokuthi ikhefu lemidlalo yamazwe ngamazwe lizosiza uSaleng neqembu lonke ukuthi lithuthuke ngaphambi komdlalo olandelayo neChippa United ngoSepthemba 16.

"Ngicabanga ukuthi izinselelo abhekene nazo zithinta umzimba nomqondo. Manje useqenjini elincane okubhekwe ukuthi alithwale. KwiPirates ubezungezwe yinqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu," kusho uMakhoye.

“Ngicabanga ukuthi umthwalo osemahlombe akhe usamsinda ngoba akadlalanga kakhulu ngesizini edlule. Yingakho ngithi kumele simsize. Ngicabanga ukuthi sizobe siyiqembu elehluke ngokuphelele uma sibuya kuleli khefu leFIFA.”