Ezemidlalo Ibhola

Uvalelise wabonga uRiveiro oxoshwe yi-Al Ahly

Xolile Mpisane|Published

UMQEQESHI oxoshwe yi-Al Ahly, uJose Riveiro, nethimba abebambisene nalo kuleli qembu.

Image: BACKPAGEPIX

UBONGE ithuba lokuqeqesha iqembu kanye nokubambisana ngesikhathi evalelisa kwi-Al Ahly obengumqeqeshi waleli qembu lase-Egypt, uJose Riveiro.

Ibhantshi ligcwale umoya ngeSonto kulo mqeqeshi odabuka eSpain kulandela ukunqotshwa kwezakhe yiPyramids FC ngo 2-0 emdlalweni we-Egyptian Premier League ngoMgqibelo.

Lo mqeqeshi ohlale amasizini amathathu kuleli, ecija i-Orlando Pirates, ufike kwi-Ahly ekupheleni kukaMeyi, ngaphambi kokuthi leli qembu liyodlala kwiFifa Club World Cup.

Kulowo mqhudelwano, i-Ahly ibambane ngo 0-0 ne-Inter Miami, yanqotshwa yiPalmeiras ngo 2-0, yadlala ngokulingana ngo 4-4 nePorto.

Ushiye iRed Devils endaweni ka-13 kwi-log yeligi yase-Egypt ngamaphuzu amahlanu emidlalweni emine. Inqobe umdlalo owodwa, yadlala ngokulingana kabili, yahlulwa kanye ngaphansi kwesandla sakhe.

“Ngiyanibonga nonke ngokuba lapha. Ngicabanga ukuthi lokhu kukhombisa ukuthi lisho ukuthini igama elithi 'iqembu'. Sisebenze ngokubambisana njengeqembu, njengoba sihlangene namuhla sizovalelisana,” kusho uRiveiro kwi-video ephanyekwe ezinkundleni zokuxhumana ze-Al-Ahly lapho ebevalelisa khona kozakwabo.

“Kwesinye isikhathi uyawuqala umsebenzi kodwa ungakwazi ukuwufeza. Imiphumela ayibanga yilokho abantu abebekulindele. Sizamile ukwenza konke okusemandleni ethu. Siyohlezi sinothando lwaleli qembu nabantu abasebenza kulona. 

“Okumqoka kakhulu yiqembu. Kubalulekile ukuthi ngihambe lapha nginezinkumbulo ezinhle.  Ekugcineni, akufanele sizicabangele thina kuphela kodwa iqembu lihlezi lihamba phambili. Lokhu kuyingxenye yempilo futhi impilo ayimi, iyaqhubeka.”

URiveiro (49) ungomunye wabaqeqeshi asebekhonjwe indlela yize isizini isanda kuqala kumaligi ahlukene.

Abanye abasheshe badedelwa ngumakadebona uJose Mourinho, oxoshwe yiqembu laseTurkey, iFenerbahçe, ngemuva kwemidlalo eyisithupha.

Lo mqeqeshi osewanqoba inqwaba yezicoco namaqembu okubalwa kuwona iPorto, Inter Milan, Chelsea, Real Madrid neManchester United, unqobe imidlalo emithathu, wadlala ngokulingana kwemibili, wahlulwa kowodwa.

Okumqhathe neqembu wukukhishwa emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela i-UEFA Champions League lapho benqotshwe khona yiBenfica yasePortugal ngo 1-0.

Abanye abaxoshwe lingakafiki newindi lemidlalo yamazwe ngamazwe ngu-Ole Gunnar Solskjær okhonjwe indlela ngelinye iqembu laseTurkey, iBesiktas, ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa. Kwenzeke okufanayo komunye oke wacija iManchester United, u-Erik ten Hag, odedelwe yiqembu laseGermany, iBayer Leverkusen, ngemuva kwemidlalo emithathu.