Ezemidlalo Ibhola

UKolbe nethemba lokuqopha umlando eNew Zealand

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI wasophikweni wamaBhokobhoko, uCheslin Kolbe, ulangazelela ukubhekana neNew Zealand enkundleni eyinqaba yaleli qembu, i-Eden Park.

Image: BACKPAGEPIX

UKUBHEKE ngabomvu ukubhekana neNew Zealand okokuqala e-Eden Park umdlali onesivinini wamaBhokobhoko, uCheslin Kolbe.

Iqembu lakuleli lizotholana phezulu nama-All Blacks emdlalweni weRugby Championship e-Eden Park, ngoMgqibelo, ngo-9:05 ekuseni.

AmaBhokobhoko awakaze ayinqobe iNew Zealand ekuhambeni kusukela ngo-2018, futhi agcina ukuyishayela e-Eden Park, ngoSepthemba ku-1937. 

Iqembu lokugcina elaqumba phansi ama-All Blacks kule nkundla ese-Auckland, yiFrance, eyanqoba ngo 23-20 ngoJulayi ku-1994.

“Ngokwami, lonke ithuba engilitholayo lokubhekana neNew Zealand liyinto enkulu,” kusho uKolbe.

"Ngicabanga ukuthi bonke abadlali bazizwa ngendlela efanayo ngalo mdlalo. Sizobhekana neqembu elikleliswe phezulu emhlabeni njengamanje, nokuyinselelo esiyithokozelayo. 

“Angikaze ngidlale e-Eden Park phambilini, kodwa luningi ulwazi engilutholile kwabake bafika lapha. Ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yeqembu elithathe lolu hambo lwaseNew Zealand futhi ngingajabula uma ngifakwa kwelizodlala ngoMgqibelo.”

INew Zealand iqhwakele kwi-log ngamaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili. Ilandelwa yi-Australia ngamahlanu, bese kuthi iNingizimu Afrika ne-Argentina bebambana ngamane iqembu ngalinye.

Ngonyaka odlule AmaBhokobhoko nama-All Blacks babhekane kabili kwiRugby Championship, iqembu lakuleli lanqoba ngo 31–27 e-Ellis Park, nango 18-12 eCape Town Stadium.

UKolbe uthe umlando ngeke ube nomthelela emdlalweni wangoMgqibelo. 

"Okwenzeka sekudlulile, akufanele sigxile kukhona. Sidinga ukubheka okwenzekayo njengamanje. Kuningi okushintshile ezinyangeni ezingu-12 ezedlule,” uqhube kanje uKolbe.

“Noma yimuphi umdlali ozothola ithuba lokugqoka ijezi eliluhlaza ngoMgqibelo kufanele alibambe ngazo zombili. Uma ngifakwa eqenjini elizodlala lo mdlalo, kuzobe kuyithuba eliyingqayizivele lokuthi ngibe yingxenye yomlando omkhulu phakathi kwamaBhokobhoko nama-All Blacks.”

Umdlalo wamaBhokobhoko nama-All Blacks uzolandela ozobe uphakathi kwe-Australia ne-Argentina ozoqala ngo-6.30 ekuseni ngoMgqibelo eQueensland Country Bank Stadium.