UMGADLI wakuleli, uLyle Foster, oshaye igoli lakhe lokuqala kule sizini kwiPremier League ngempelasonto.
Image: EPA
UZOFIKA ekhempini yeqembu lesizwe kuphezulu ukuzethemba umgadli weBafana Bafana, uLyle Foster, kulandela ukushaya igoli lakhe lokuqala lesizini kwiPremier League ngempelasonto.
Lo mgadli ubhakuzise inethi ngesikhathi iqembu lakhe iBurnley FC linqotshwa yiManchester united ngo 3-2 e-Old Trafford ngoMgqibelo ntambama.
Emva kokuhlala isizini edlule engadlali emuva kokulimala edlalela iBafana, uFoster ushaye amagoli amabili esigabeni sesibili, iSky Bet Championship.
Washaya amagoli amahlanu ngesizini ka-2023/24, ngesikhathi iBurnley idlala kwiPremier League ngaphambi kokugawulwa yizembe.
“Ukushaya igoli e-Old Trafford bekuyiphupho kimina njengomuntu owakhula ebukela iPremier League futhi bengingazi ukuthi ngiyogcina ngilifezile. Ngibonga uNkulunkulu ngalo mzuzu omuhle kangaka,” kusho uFoster ecashunwa yi-website yeBurnley.
“Ngiyabonga ukuthi ngilitholile igoli nangendlela iqembu elidlale ngayo. Yingakho kungiphatha kabi ukuthi siphume enkundleni singaphethe lutho.”
UFoster ufakiwe eqenjini leBafana elizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba elizoyidlala neLesotho ngoLwesihlanu, neNigeria ngoLwesibili oluzayo.
Umqeqeshi weBurnley, uScott Parker, ukholwa wukuthi lo mdlali useyabuyela ezingeni lakhe kulandela ukusebenza kanzima neqembu ngesikhathi lilungiselela ukuqala kwesizini.
“Ngijabule kakhulu ngoLyle. Ubuyele esimweni esihle kakhulu. Usebenze kanzima ngesikhathi silungiselela isizini," kusho uParker ecashunwa yiBurnley Express ekhuluma esithangamini nabezindaba
“Kuningi anakho okudingekayo kumgadli wesimanjemanje. Ngiyazi ukuthi abagadli bahlulelwa ngesibalo samagoli kodwa ebholeni lamanje kudingeka ukuthi uzinikele, umake, ugijime. ULyle uyakwenza konke lokho.
“Ngikubheke ngabomvu ukuthi aqhubeke nokuthuthuka njengoba enza nje. Uyiqale kahle isizini futhi sengathi lokho kungaqhubeka isikhathi eside.”
UFoster ugcine ukudlalela iBafana kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoMashi nonyaka, washaya igoli ngesikhathi inqoba iBenin ngo 2-0.
Related Topics: