UNOZINTI weKaizer Chiefs uBrandon Petersen, ongakangenelwa goli kwiBetway Premiership kule sizini.
Image: BACKPAGEPIX
UNCOME iqembu ngokuphinde livale ngci emuva ngesikhathi linqoba iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi.
Bekungokwesihlanu kulandelana Amakhosi engangenelwa yigoli selokhu kuqale isizini ka-2025/26.
Umehluko mkhulu uma kuqhathaniswa nangesizini edlule lapho leli qembu belibalwa naphisana kakhulu ngamagoli kwazise langenelwa angu-32 emidlalweni engu-28.
Ukuqina kodonga lweChiefs sekuholele ekutheni acoshe amaphuzu angu-13 kwazise imidlalo emithathu ayinqobe ngo 1-0. Lapha kubalwa nephuzu alithole kwiMamelodo Sundowns emdlalweni ophele zibambene ngo 0-0 nesonto eledlule.
Umdlalo iChiefs eshaye kuwona inethi izikhawu ezimbili ngoweStellenbosch ewunqobe ngo 2-0.
“Kuhlezi kuyinto eyakhayo ukungadedeli amagoli. Okumqoka ukuthi siqhubeke nalo mqondo wokunqoba odingeka ngaso sonke isikhathi eqenjini lethu. Yilokho engikuthanda kakhulu, lo mqondo wokunqoba nokulwela ukuthatha amaphuzu amathathu,” kusho uNabi.
“Ngihalalisela iqembu, lonke ikakhulukazi unozinti wethu, uBrandon Peterson, ngokuqinisekisa ukuthi asingenelwa yigoli. Ngiyakholelwa kuye. Ngithanda ukuhalalisela nozakwethu u-Ilyes (Mzoughi) ngomsebenzi awenzayo wokuthuthukisa onozinti. Iqembu lonke nalo libambe iqhaza ngokumaka kahle.”
Igoli elinqobise Amakhosi libekwe enethini esiwombeni sesibili ngumgadli uFlavio Silva obeqala ukudlala kwiPremiership.
UNabi uthe kumjabulisile ukuthi abadlali abazange badikibale ngesikhathi kunzima ukuthola igoli.
“Ngicabanga ukuthi sidlale kahle kulo mdlalo. Besazi ukuthi kuzoba nzima. Sibe nenqwaba yamathuba esiwombeni sokuqala kodwa ngeshwa sangalithola igoli. Sikhulumile nabadlali ngesikhathi sekhefu, sabatshela ukuthi baqhubeke nokukholwa,” uqhube kanje uNabi.
“Kwesinye isikhathi uma nithola amathuba kodwa ningawasebenzisi abadlali bagcina sebedidekile futhi baphelelwe nayithemba. Sizamile ukubasiza behlise umoya, bagxile emdlalweni futhi bakholwe ukuthi igoli liyeza.”
IChiefs isendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-13 emidlalweni emihlanu.
Izobuyela enkundleni ngoSepthemba 16 lapho izobhekana khona neqembu eliqhwakele kwi-log, iSekhukhune United, nalo elinamaphuzu angu-13.
Related Topics: