UMDLALI wasesiwini we-Orlando Pirates, u-Abdoulaye Mariko, umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou ambona ekwazi ukudlala yonke indawo esiswini.
Image: BACKPAGEPIX
UBONA umdlali wasesiswini waseMali, u-Abdoulaye Mariko, ezokwenza umehluko eqenjini ngenxa yekhono lakhe lokudlala ezindaweni ezahlukene esiswini umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou .
UMariko (22) ujoyine eZimnyama ngenyanga edlule esuka eqenjini laseMali, iDjoliba AC, ngemuva kwesizini ebiyimpumelelo lapho eqokwe njengomdlali ovelele kwiligi yakhona eyaziwa nge-Orange Ligue 1, wahamba phambili ngamagoli eqenjini lakhe.
Udlale okokuqala kumaBhakabhaka esuka ebhentshini ngesikhathi enqoba iPolokwane City ngo 2-0 kuma-quarterfinal eMTN8 ngasekuqaleni kwenyanga.
Kusukela lapho, useqale imidlalo emibili yeligi bebhekene neMarumo Gallants ne-Orbit College FC, waphinde wangena esuka ebhentshini koweligi bedlala neSekhukhune United nakoweMTN8 behlula iMamelodi Sundowns.
“Siyazi ukuthi eqenjini asuka kulona ubedlala phambili kancane, nokuholele ekutheni ashaye amagoli aphinde aqokwe njengomdlali ovelele kwligi yaseMali. Sinqume ukumsebenzisa maphakathi nenkundla kodwa akusho ukuthi esikhathini esizayo ngeke simsebenzise eduze kwabagadli,” kusho u-Ouaddou.
“Ngicabanga ukuthi uwuhlobo lomdlali okwaziyo ukudlala ezindaweni eziningi esiswini, angadlala njengonombolo 6, 8 no-10. Ngeke ngisho ukuthi sizomfaka phambili ngoba angiboni simdinga lapho.
“Unakho konke okudingekayo ezindaweni ezahlekene esiswini futhi ngibona ezosisiza lapho. Kuzoya ngesibalo sabadlali esinabo, ikakhulukazi uma kukhona abamisiwe noma abalimele.”
IPirates isiqalile ukucosha amaphuzu kwiBetway Premiership ngemuva kokuyiqala kabi ihlulwa yiSekhukhune neMarumo.
Emidlalweni emibili yakamuva yeligi, leli qembu lase-Orlando liqoqe amaphuzu aphelele liguqisa iStellenbosch FC ne-Orbit ngo 1-0.
Iqembu lika-Ouaddou seliqoqe amaphuzu ayisithupha emidlalweni emine, okusho ukuthi lisele ngamane emaqenjini ahamba phambili okuyiSekhukhune neKaizer Chiefs.
Lizobe libheke ukuqhubeka nomgqigqo wokuqoqa amaphuzu njengoba lizovakashela iChippa United eNelson Mandela Bay Stadium kusasa ngo-3 ntambama.
IChilli Boys isadonsa kanzima kwiBetway Premiership kwazise isacoshe iphuzu elithole ibambana neSundowns kowokuvula eliyibeke emsileni we-log.
Leli qembu laseGqeberha liqale isizini liphekwa nguSinethemba Badela kodwa lagqabuka igoda kusadlalwe imidlalo emibili. UMusa Nyatama noMorgan Mamilla yibona ababambe okwesikhashana emidlalweni emibili edlule yeligi.
Umqeqeshi waseBelgium, uLuc Eymael owake wacija iPolokwane City, Free State Stars neBlack Leopards kuleli, kulindeleke ukuthi athathe izintambo maduze uma esethole imvume yokusebenza eMzansi.
Kuzocaca kusasa ukuthi iPirates izolisebenzisa yini leli thuba lokubhekana neChippa esadidekile noma izobuyela ekulahleni amaphuzu.
Related Topics: