UGCWELE ukuzethemba ngeqembu lakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi yize ekholelwa ekutheni bayiyekile iMamelodi Sundowns ngoLwesithathu
Image: BACKPAGEPIX
INDLELA iKaizer Chiefs eyiqale ngayo isizini yeBetway Premiership inika isibindi umqeqeshi wayo, uNasreddine Nabi, ngokuthi iqembu lakhe ngeke livukwe wumkhuba walo wangedlule wokuthola imiphumela engafani njalo.
IChiefs elele isibili kwi-log yePremiership, iqhubekile nokungangenelwa yigoli emdlalweni wesine weligi ibambana ngo 0-0 neMamelodi Sundowns ngoLwesithathu ebusuku e-FNB Stadium, eNasrec.
Amakhosi abalwa namaqembu angayazi induku kwiligi kusukela kuqale isizini, azobhekana neLamontville Golden Arows emdlalweni weligi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-5.30 ntambama.
Ngesizini edlule, iChiefs igcine iphelele ngaphandle kwe-Top 8 ngenxa yokunqoba umdlalo owodwa bese ihluleka ukubamba umgqigqo.
Ekhuluma nabezindaba emuva komdlalo neSundowns, uNabi uthe iChiefs bekumele inqobe nakuba engakhali kangako ngephuzu abaphume nalo. UNabi ubebonakala okokuqala kule sizini ehlezi ebhentshini leChiefs kulandela ukubuya kwakhe ekhaya eTunisia lapho abeyobheka khona umkakhe olimele.
“Akukho kimina ukuthi bengingekho kwazise ukuxhumana (phakathi kwakhe nethimba labaqeqeshi) bekuqhubeka nsukuzonke. Ngakho-ke konke obekwenzeka ngingekho ngiyakwazi,” kusho uNabi.
“Siyiyekile iSundowns. Ngaphandle kokuyibukela phansi kodwa kunomuzwa wokuthi silahle amaphuzu amabili amqoka kulo mdlalo ngoba besingcono kuzona zombili iziwombe.
“Ukube yisizini edlule ngabe nginokungabaza kodwa indlela esiqale ngayo kulokhu ingiqinisa idolo ngokuthi ngeke siwele esikhinsini esifanayo nesangesizini edlule.
“Uhlobo lwabadlali esinalo nokubumbana okukhona kubona, kukodwa kunginika isibindi ngokuthi lo mgqigqo esiqale ngawo ngeke siwudedele kalula njengoba bekwenzeka ngesizini edlule.
“Bekuwumdlalo onzima kodwa iSundowns siyimele ngakho konke kwala wona amagoli. Ngineme ngendlela abadlali bami abakhombisa ukuzinikela ngayo. Ngakho-ke nakowe-Arrows sizoya ngenhlonipho kodwa futhi ngeke sizithambise,” kuthembisa uNabi.
I-Arrows eholwa ngumqeqeshi, uManqoba Mngithi, ishaya ngenqwaba yabadlali abasha abasebancane. Izobhekana naMakhosi ishayela phezulu kwazise maphakathi nesonto iqoqe amaphuzu agcwele kwiMagesi eyihlule ngo 2-1 eMlaza. Emidlalweni emine, i-Arrows iwine emibili, yadlala ngokulingana kowodwa, yakhala ngaphansi komunye.