ISITOBHA se-Orlando Pirates, uMbekezeli Mbokazi, othishwa wumqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ngokuba nekusasa eliqhakazile phesheya kwezilwandle
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, akasiboni sizinza kwi-Orlando Pirates isitobha sayo esiyisithandwa sabalandeli, uMbekezeli “TLB” Mbokazi, ngoba sinakho konke okudingekayo ukuze siphumelele kumaligi amakhulu e-Europe.
UBroos ukusho lokhu izolo, ngesikhathi ememezela isikwati sabadlali abangu-23 esizobhekana neLesotho neNigeria ngokwahlukana emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba eBlomefontein ngoSepthemba 5 no-9.
Yize kuyisizini yakhe yesibili esigabeni esikhulu, uMbokazi usephenduke esinye sezithenjwa zePirates okufakazelwa nawukufakwa kwakhe esigungwini sokaputeni beqembu.
Ngasekuqaleni konyaka, uMbokazi - oneminyaka engu-19 ubudala - ubekwiBafana kaBroos edlale eyobungani neTanzania neMozambique ngokwahlukana.
Lo mqeqeshi waseBelgium uthe uMbokazi wamhlaba umxhwele kuleyo khempu kodwa ukuqhubeka kwakhe nomgqigqo ofanayo kweyePirates kwenze waba ngomunye wabokuqala abaqokele le midlalo emibili emqoka yeLesotho neNigeria.
“Kusukela ngafika kwiBafana angikaze ngimbone umfana omncane onekhono elingaphezulu kwengilibona kuMbokazi,” kusho uBroos izolo emini, e-Auckland Park, eGoli.
“Ngiyavuma ukuthi bengingamnakile kodwa kuthe ngingambonela eduze ngachazeka nakakhulu, sengiqaphela nokuthi ungumfana ozothile noxhumana kalula nozakwabo.
“Muhle ebholeni, uqinile, uyazethemba. Ngakho-ke akukho ongakhala ngakho kuyena. Uyiloluhlobo oluvamise ukuphenduka inyama emaqenjini ase-Europe.
“Angimboni ehlala isikhathi eside kwiPirates uma ezoqhubeka nokusebenza ngendlela asebenza ngayo. Kusemqoka ukuthi ahlale kwiPirates manje kodwa angahamba nangesizini ezayo ngoba unakho konke okudingekayo,” kusho uBroos.
Ngenxa yokulimala kwabadlali abamqoka beBafana esingabala kubona uThemba Zwane, Grant Kekana noNkosinathi Sibisi, uBroos ulande uMbokazi, Samukele Kabini, Khulumani Ndamane noSiyabonga Ngezana.
“Ngiyabethemba bonke abadlali esibabizele kule khempu futhi ngiyazi ukuthi ngeke badinge ukutshelwa ngobumqoka bokunqoba le midlalo emibili ezayo.
“Kubalulekile ukunqoba kwiLesotho kuqala bese kuba yima sicabanga ngeNigeria nayo engingakungabazii ukuthi ilala obenyoni icabanga ngathi,” kusho uBroos.
Sesisonke isikwati sikaBroos simi kanje:
Onozinti: Ronwen Williams, Ricardo Goss, Sipho Chaine.
Abasemuva: Nyiko Mobbie, Zuko Mdunyelwa, Mbekezeli Mbokazi, Aubrey Modiba, Khulumani Ndamane, Ime Okon, Samukele Kabini, Siyabonga Ngezana.
Abasesiswini: Teboho Mokoena, Luke Le Roux, Bathusi Aubaas noThalente Mbatha.
Abaphambili: Kamohelo Sebelebele, Oswin Appolis, Patrick Maswanganyi, Iqraam Rayners, Lyle Foster, Mduzuzi Shabalala, Mohau Nkota, Relebohile Mofokeng.