ISITOBHA seMamelodi Sundowns uKhuliso Mudau esiphuthwe yithuba kwiBafana Bafana kulandela ukungaziqeqeshi neqembu laso kusukela kuqale isizini entsha
Image: BACKPAGEPIX
UKUBALULEKA kwesitobha seMamelodi Sundowns uKhuliso Mudau kwiBafana Bafana kuphoqe umqeqeshi waleli qembu lesizwe, uHugo Broos, ukuba angenelele ngenhloso yokuqeda ‘isiteleka’ ebesingenelwe yilo mdlali odube ukuziqeqesha eChloorkop kusukela kuqale isizini.
Ngaphambi kokuqala kwesizini, kuvele ukuthi kunokungaboni ngaso linye phakathi kukaMudau neSundowns ngendaba ephathelene nezinkontileka nemali ayiholayo.
Ngenxa yalo msindo, lesi sitobha esiyisithandwa kwiBafana, besingayi ejimini yize iSundowns ibisiqalile ukudlala imidlalo yeBetway Premiership neyeMTN 8.
Nakuba emasontweni adlule uBroos emfakile uMudau esikwatini sakhe ebesisazohlungwa semidlalo emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo neLesotho neNigeria eBlomfontein kodwa umshiye ngaphandle kwesabangu-23 asimemezele ngoLwesine.
IBafana imelwe wukuqoqa amaphuzu agcwele kule midlalo ezoyidlala neLesotho ngoSepthemba 5 neNigeria ngoSepthemba 9 ukuze izibeke ethubeni lokuthola indawo kweyoMhlaba.
Ngesikhathi ethula lesi sikwati uBroos ngoLwesine ezindlini zokusakaza zakwaSABC, uveze ukuthi ukubuyela kukaMudau ejimini yeSundowns kungenxa yokungenelela kwakhe.
“Muva nje ngicelile kwiSundowns ukuthi inginekele ngesimo, ngase ngiyinxusa futhi ukuthi inginike igunya lokukhuluma noMudau, yangivumela,” kusho uBroos.
“Azikaze zingabikhona izinkinga ebholeni ikakhulukazi ngezinkontileka kodwa ukuduba akuyona indlela eqondile yokudambisa izimo.
“Ngemuva kwemvumo kaMiguel (Cardoso) ngimtshele lawo mazwi uMudau. Ngijabule ngoba kuthiwa usebuyele enkundleni.
“Kunzima kimina ukuthi ngiya kule midlalo ngaphandle komdlali ongcono kunabo bonke e-Afrika kule ndawo ayidlalayo kodwa akalimele.
“Ngabe ngiyezwa ukuthi ulimele manje ukungavumelani nje kuphela. Ukuyeka ukudlala akulungisi, kepha kuyona.
“Ngiyathemba ukuthi ufundile kulokhu ngoba siyamdinga njengoba nemiqhudelwano emikhulu ilokhu iya ngokusondela."
Sesisonke isikwati sikaBroos aya ngaso kule midlalo emibili emqoka simi kanje.
Onozinti: Ronwen Williams, Sipho Chaine noRicardo Goss.
Izitobha: Nyiko Mobbie, Zuko Mdunyelwa, Mbekezeli Mbokazi, Khulumani Ndamane, Aubrey Modiba, Ime Okon, Samukelo Kabini noSiyabonga Ngezana.
Isisu: Teboho Mokoena, Bathusi Aubaas, Thalente Mbatha, Luke Le Roux
Abaphambili: Kamogelo Sebelebele, Oswin Appollis, Patrick Maswanganyi, Iqraam Rayners, Mduduzi Shabalala, Mohau Nkota, Relebohile Mofokeng noLyle Foster.