Ezemidlalo Ibhola

UMiguel ubona ithuba lamaphuzu kwiSundowns

Xolile Mpisane|Published

ISITOBHA seKaizer Chiefs, u-Inacio Miguel, silindele umdlalo onzima uma sebebhekene neMamelodi Sundowns koweBetway Premiership.

Image: BACKPAGEPIX

AKAKHOLWA ukuthi iMamelodi Sundowns yehlelwe ukuzethemba ngokukhishwa kowandulela owamanqamu weMTN8 umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, u-Inacio Miguel.

AmaBrazilian anqotshwe yi-Orlando Pirates ngo 4-1 sekukhahlelwa amaphenathi ngemva kokuthi la maqembu ebambene ngo 2-2 ekupheleni kwemilenze emibili.

Amakhosi namaSandawana bazohlangana koweBetway Premiership ozoqala ngo-7.30 kusasa ebusuku, eFNB Stadium, eNasrec.

Ngaphandle kokukhishwa kwi-MTN8, leli qembu elizinze eChloorkop lisendaweni yesithathu ngamaphuzu ayisikhombisa kwiligi lapho lidlale khona ngokulingana ngo 1-1 neChippa United, lanqoba AmaZulu FC ngo 2-0 neMagesi FC ngo 2-0.

“Umdlalo wethu neSundowns siwulungiselela njengeminye imidlalo. Yebo, siyayihlonipha iSundowns ngoba ingompetha beligi. Iyiqembu eliqinile elinabadlali abaseqophelweni eliphezulu. Sizogxila kakhulu eqenjini lethu nokuthi singaqhubeka kanjani nomgqigqo wethu omuhle,” kusho uMiguel.

“Abantu bangacabanga ukuthi njengoba iSundowns ikhishwe yiPirates kwiMTN8 ayisazethembi kodwa mina angiboni kanjalo. Konke kuyingxenye yebhola. ISundowns iyiqembu elikhulu, elibanga izicoco ezinkulu kodwa njengoba sengishilo ngeke sigxile kubona kakhulu.

“Kufanele sizibheke thina nomsebenzi okudingeka sikwenze ukuze sinqobe. ISundowns inobungozi kodwa futhi inabo nobuthaka. Yilokho okufanele sikulindele.”

Amakhosi asahamba kahle kwiligi kule sizini njengoba esenqobe imidlalo emithathu ilandelana.

Aguqise iStellenbosch FC ngo 2-0, iPolokwane FC ngo 1-0 neRicahrds Bay FC, azibeka endaweni yesibili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.

UMiguel ukholwa wukuthi lokhu kungenxa yezifundo abazithole ngesizini edlule, ukuzikhandla kwabo ngesikhathi belungiselela ukuqala kwesizini eNetherlands, nokuqina kobumbano ngaphakathi eqenjini.

“Kufanele siqonde ukuthi siphakathi nomgqigqo ebesilokhu sithi siyawufuna. Sesinqobe imidlalo emithathu ilandelana kodwa sidinga ukuqhubeka ngoba yilokho okuzosisiza sibe nesizini enhle, sizuze izinto ezinkulu esizifisayo,” kuqhuba lo mdlali.

“Ngesizini edlule besisho ukuthi kuzothatha isikhathi kodwa sesiyaqala ukubona izithelo ngenxa yokuzikhandla nokuzwana. Kusasebenza okwamanje. Sizobona ukuthi iSundowns izofika nani kodwa siyathembana, okuyinto ebishoda ngesizini edlule.

“IKaizer Chiefs ingena kuyona yonke imidlalo ilindele ukunqoba. Nakuba siyihlonipha iSundowns kodwa nathi siyiqembu elikhulu futhi sizobe sidlalela ekhaya. Sifuna kungabi lula ukuthi amaqembu afike enkundleni yethu aphume namaphuzu. Sifuna ukuqhubeka nokuqoqa amaphuzu amathathu.”

Ngesizini edlule, iChiefs neSundowns bahlangana kane emiqhudelwaneni ehlukene, amaBrazilian anqoba kathathu, Amakhosi anqoba umdlalo owodwa.

Kowokuvula weligi iSundowns yanqoba ngo 2-1, yaphinde yakhipha iChiefs ngo 4-0 kuma-quarterfinal eCarling Cup, ngaphambi kokunqoba owesibili weligi ngo 1-0 ngoMashi nonyaka.

Nokho, iqembu likaNasreddine Nabi liziphindiselela kowandulela owamanqamu weNedbank Cup, ligudluza amaBrazilian ngo 2-1.