Ezemidlalo Ibhola

Kuphinde kwabhuntsha ukubuya kweBay eMhlathuze

Zakhele Xaba|Published

BAPHINDE bagqemeka engeqiwa ntwala abalandeli beRichards Bay FC abebekubheke ngabomvu ukubuka leli qembu ligijima eMhlathuze Sports Complex kulandela ukufeyiliswa kwale nkundla yiPremier Soccer League (PSL).

IBay ibihlele ukudlala imidlalo yasekhaya yeBetway Premiership yesizini ka-2025/2026, eMhlathuze, kwazise selokhu yanyukela kulesi sigaba izinze eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. Kwenyuke ithemba lokuthi izobuyela ekhaya ngesikhathi inkundla uMhlathuze Sports Complex ivulwa ngemidlalo yeKZN Premier's Cup ngenyanga edlule. Kule midlalo, abalandeli badele imvula namakhaza bezobuka amaqembu aKwaZulu-Natal adlala kwiPSL egadulisana eMhlathuze. Nokho le midlalo iyona eholele ekutheni konakale utshani kule nkundla.

IBay bekufanele idlale umdlalo wokuqala wesizini neMarumo Gallants ngo-Agasti 9, kodwa yagcina ithuthele eMlaza ngenxa yokuthi iPSL ikhala ngokuthi inkundla ayikho esimweni esifanele. Leli qembu eliholwa nguSifiso "Jomo" Biyela likhiphe isitatimende ngaphambi kwalo mdlalo, lazisa abezindaba ukuthi lizobuyela ekhaya uma selibhekene neChippa United ngo-Agasti 26 (kusasa). 

Nokho lo mdlalo usuzodlalelwa ePrincess Magogo Stadium KwaMashu, ngo-7.30 ebusuku, ngenxa yokuthi inkundla ayikabi sesimweni esifanele. Ukungalungi kwenkudla kuphazamise neMilford FC eyibamba kwiMotsepe Foundation Championship egcine idlale neLeruma Lions eChatsworth Stadium. 

Ngokwencwadi ethunyelelwe amaqembu emasontweni adlule ngemuva kwePremier's Cup, isikhulu sePSL uRonnie Schloss, sikubeke ngokusobala ukuthi inkundla isekude ukulunga. Ngaleso sikhathi uSchloss ukhombe amasonto amathathu.

"Kusemqoka ukukhumbula ukuthi cishe sisenezinye izinyanga eziyishumi zokudlala ibhola ngaphambi kwethu futhi kubalulekile ukuthi sizivikele zonke izinkundla zethu ukuqinisekisa ukuthi zimelana nesizini yonke," kusho uSchloss encwadini.

"Amasoyi otshani atshaliwe ezindaweni ezigebhukile, kusamele zifake izimpande phansi ukuze sibe nenkundla okudlalekayo kuyona. Ukudlala enkundleni ikulesi simo kuyingozi kubadlali okuyinto okumele siyicabange. Ngalokho, insimu ngiyithola njengekungadlaleki kuyona, inkundla ivalile kuze kuba niyaziswa ngokunye."

Ngokoluhla lwemidlalo yeBay, leli qembu liyoze lidlale ekhaya uma selibhekene neTS Galaxy ngoSepthemba 17. 

Imizamo yokuthola uBiyela ayiphumelelanga kwazise ucingo lwakhe ubengalubambi.