UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, edlana indlebe nesitobha sakhe uLebone Seema.
Image: BACKPAGEPIX
UBONA kuzoshiyana amaqhinga uma sebebhekene neMamelodi Sundowns kowomlenze wesibili owandulela owamanqamu weMTN8 umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou.
La maqembu azongena enkundleni kusasa ngo-3 ntambama eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ezokwakhela phezu komphumela womlenze wokuqala ophele ngo 1-1 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo odlule.
Womabili azofika ezethemba kulandela ukucosha amaphuzu agcwele emidlalweni yeBetway Premiership maphakathi nesonto.
IPirates inqobe okokuqala kwiligi iguqisa iStellenbosch FC ngo 1-0, kwathi iSundowns yathela phansi iMagesi FC ngo 2-0.
“Wumdlalo omkhulu phakathi kwamaqembu abalulekile kwizwekazi. Ngicabanga ukuthi womabili amaqembu adlale ibhola elisezingeni eliphezulu emlenzeni wokuqala ophele ngo 1-1. Emidlalweni yomkhumulajezi kubuye kuhambe ngokuthi yiliphi iqembu eliqine kakhulu ngokomqondo,” kusho u-Ouaddou.
“Sifuna ukungena kulo mdlalo ngokukhulu ukuzimisela. Sinakho konke okudingekayo ukuze sidlale kahle, kufanele ukuthi siwulungele umdlalo. Siyazi ukuthi ngeke kube lula njengoba sizobe sisekuhambeni kodwa kumele sithole indlela yokudlula ngoba sifuna ukuvikela isicoco sethu.
“IPirates isiyinqobe kaningi le ndebe ngakho-ke kusemahlombe ethu ukuthi siphinde siyithathe. Abadlali bakulungele ukwenza lokho.”
IPirates inqobe indebe yeMTN8 amahlandla amathathu elandelana ngaphansi komqeqeshi, uJose Riveiro, oseqeqesha i-Al Ahly yase-Egypt.
Njengoba amaBrazilian ekwazile ukushaya igoli ekuhambeni, yiwona asasethubeni lokudlulela phambili kwazise lizophindwa kabili uma kwenzeka umdlalo uphela zisabambene.
Nokho, eZimnyama zingakucisha lokho uma nazo zingathola igoli ePitoli, kusasa, ziphinde ziyikweletise kakhulu iSundowns uma zingathola amabili ekuhambeni.
U-Ouaddou uthe noma engeke awadalule amasu ahlele ukugudluza ngawo amaSandawana, kodwa uyazi ukuthi kusezandleni zabo ukuthi balwele ukuthola igoli.
“Indlela imidlalo yomkhumulajezi ehamba ngayo ikhomba ukuthi uma ufuna ukudlulela kowamanqamu ngeke uvele uhlale emuva ubhekene neqembu elifana neMamelodi Sundowns. Umdlalo uzolawulwa ngamaqhinga amaqembu womabili,” uqhube kanje lo mqeqeshi.
“Kuzoya nangokuthi iSundowns idlala kanjani. Ngabe izohlala emuva izame ukuvikela igoli elishaye ekuhambeni? Miningi imibuzo kodwa engikwaziyo wukuthi kuzoba wumdlalo omuhle ozobathokozisa abalandeli.
“Kuzoba wumdlalo obucayi kuwona womabili amaqembu ozodinga ubuhlakani. Ngendlela engibona ngayo, konke kuhambisana nokuqina ngokomqondo. Yinto engingakwazi ukuyichaza kodwa ukwenza kahle kule midlalo yomkhumulajezi kuphuma endaweni ejulile, kusuka enhliziyweni.”
U-Ouaddou uphinde waqinisekisa ukuthi umdlali wasemuva uDeano van Rooyen, okhishwe ngohlaka ngesikhathi bebhekene neStellies ngoLwesithathu, ngeke adlale kusasa.
Related Topics: