Ezemidlalo Ibhola

OweBucs usathembele kuMofokeng oshelwa elaphesheya

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI we-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng osemataniswa nelinye iqembu laphesheya.

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usekubeke kwacaca ukuthi uRelebohile Mofokeng usengumdlali oqavile ezinhlelweni zakhe nakuba kusabalele imibiko yokuthi ushelwa yiqembu laphesheya.

Ngokwemibiko emisha evela e-United States, iqembu eligijima kwi-Major League Soccer, iMinnesota United, elidlalelwa uBongokuhle Hlongwane, selibeke etafuleni imali engango-USD 2 million (elinganiswela ku-R35.4 million).

Lokhu kwenzeka nje, omunye umdlali weZimnyama obeqhamuka eqenjini lazo elincane, uMohau Nkota, usanda kuthengwa ngelaseSaudi Arabia i-Al-Ettifaq ngemali engadalulwanga.

UMofokeng (20) sekunesikhathi ebhekwa njengomunye wabadlali abasebancane bePirates abanekusasa eliqhakazile abangase bazakhele igama phesheya. Nokho, u-Ouaddou usamile ekutheni yena usamdinga e-Orlando.

“Bengigxile kakhulu ekulungiseleleni umdlalo, bengingenaso ngisho isikhathi sokubuka noma sokubheka obekushiwo abezindaba. Engikwaziyo wukuthi uRele unathi, udlale kahle (neStellenbosch FC) futhi nginethemba lokuthi uzoqhubeka nokuba nathi,” kusho u-Ouaddou.

UMofokeng ujwayele ukudlala kwesokunxele kodwa emdlalweni waphakathi nesonto weBetway Premiership bebhekene neStellies uqale maphakathi, endaweni okujwayele ukugijima kuyona uPatrick Maswanganyi obengekho.

Kwesokunxele kuqale u-Oswin Appollis, kanti kwesokudla bekuboshelwe uKamogelo Sebelebele oshaye igoli elinqobise ezikaMagebhula kulo mdlalo.

U-Ouaddou uthe noma yimuphi umdlali angadlala endaweni ehlukile, kodwa lokho akusho ukuthi basuke sebemshintsha ngokuphelele.

“Ngeke ngisho ukuthi uRele ngimbona ephinde edlala maphakathi ngokuzayo. Njengomqeqeshi kumele uhlaziye abadlali onabo, ukuxhumana phakathi  kwabo, ukuthi yini engasebenza nengeke isebenze,” uqhube kanje lo mqeqeshi.

“Ngibone ehlangana kahle no-Appollis noSebelebele (Kamogelo). Mhlawumbe singaphinde simbone kuleyo ndawo kodwa usengadlala nasohlangothini. URele ungumdlali okumele simnikeze inkululeko.

"Unekhono futhi ukhaliphile. Awukwazi ukumane ugcine umdlali onjalo ohlangothini olulodwa noma umsebenzise endaweni eyodwa."

AmaBhakabhaka azobudinga ubuhlakani bukaMofokeng namuhla uma esedudulana neMamelodi Sundowns emlenzeni wesibili wowandulela owamanqamu weMTN8 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngo-3 ntambama.

Akulula ukuqagela ukuthi yiliphi iqembu elizodlulela kowamanqamu njengoba ebambane ngo 1-1 kowomlenze wokuqala ngoMgqibelo odlule e-Orlando Stadium. 

IPirates izobe ibheke ukulimaza amaBrazillian enkundleni yayo, kanti iSundowns yona izobe ihlose ukwakhela phezu kwegoli elishaye ekuhambeni.

U-Ouaddou ugcizelele ukubaluleka kwabo bonke abadlali anabo eqenjini.

"Sinabadlali esibathatha njengomgogodla kodwa bonke babalulekile. Kunzima ukukhuluma ngomgogodla uma uhola iqembu elikhulu kangaka futhi elidlala imiqhudelwano eminingi. Kumele ubabheke bonke abadlali onabo, ubanike isikhathi, ubanike ithuba lokuthi babe sesimweni esihle futhi bakulungele ukudlala uma ubabiza," usho kanje.