Ezemidlalo Ibhola

OweChiefs nenselelo yejezi kubadlali abasha

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI omusha weKaizer Chiefs, uNkanyiso Shinga, owagcina ukubonakala koweToyota Cup bebhekene ne-Asante Kotoko yaseGhana.

Image: BACKPAGEPIX

SEKUSEDUZE ukuthi abalandeli beKaizer Chiefs babone abanye abadlali abasha abasayiniswe yileli qembu kule sizini ngokusho kwephini lomqeqeshi uKhalil Ben Youssef.

Nakuba uThabiso Monyane, Siphesihle Ndlovu noPaseka Mako sebebonakalile enkundleni kule midlalo emithathu yeBetway Premiership esidlalwe Amakhosi, kunabanye abadlali abakade bamenyezelwa okunguNkanyiso Shinga, Flavio Silva no-Ethan Chislett abangakadlali kweyeligi. 

UBen Youssef uthe sebewalungisile wonke amaphepha agunyaza laba badlali ukuthi badlale kuleli.  

“UShinga useyitholile imvume yokudlala kodwa usasebenza nomqeqeshi wethu ovocavoca abadlali, uMadji Safi, ukuze abe sesimeni esikahle sokudlala. USilva uyitholile imvume izolo (ngoMsombuluko). Asikwazanga ukumsebenzisa ngoba bese sizenzile izinhlelo zomdlalo (neRichards Bay). U-Ethan ubegula ngesonto eledlule wangakwazi ukuziqeqesha neqembu, yingakho engabanga yingxenye yalo mdlalo,” kusho uBen Youssef.

Ngaphandle kwalaba badlali, Amakhosi aphinde ethula abadlali abathathu abasha kubalandeli ngesikhathi sekhefu emdlalweni wabo neRichards Bay ngoLwesibili ebusuku.

Laba badlali ngumgadli u-Etiosa Ighodaro osuka kwiMamelodi Sundowns kanye noLuke Baartman beno-Asanele Velebayi abebegijima kwiCape Town Spurs.

UBen Youssef uthe nakuba bejabule ngokwengezwa kwabadlali abazoqinisa iqembu kodwa kulele kubona ukuthi balwele izindawo eqenjini.

"Silibonile izinga eliphezulu lalaba badlali. Siyaludinga lolu hlobo lwabadlali kodwa kufanele bazilwele izindawo zabo. Kunzima kakhulu ukungena kuleli qembu. Sinabadlali abenza kahle ngakho-ke laba abasha kumele basebenze ukuze bathole amathuba okusiza iqembu," usho kanje.

Amakhosi ayiqale ngegiya eliphezulu iBetway Premiership njengoba esayinqobe yomithathu imidlalo ayidlalile. UBen Youssef uthe bayakwazi okulindeleke eqenjini elifana neChiefs kodwa abafuni ukwanda ngomlomo.

"Siyakwazi esifuna ukukuzuza. Yinto esiyigcina ngaphakathi eqenjini, phakathi kwabadlali nabaqeqeshi. Kubhaliwe egunjini esenzela kulona imihlangano eNaturena,” uqhube kanje.

“Sifuna ukugxila emdlalweni ngamunye, singacabangi kakhulu ngezinye izinto. Asinayo ingcindezi. Siyazi ukuthi iKaizer Chiefs ingelinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika futhi uma sidlala kwiligi sisuke sidlalela ukunqoba isicoco.” 

IChiefs izodlala olandelayo weBetway Premiership neqembu eselinqobe isicoco seligi amasizini ayisishiyagalombili kulandelana, iMamelodi Sundowns, eFNB Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.